Ithemba LinjaloIsampula

Hope Is

USUKU 1 KWEZINGU- 14

Ithemba Litholakala KuJesu

Cabanga ngengane ilahleka enxanxatheleni yezitolo ngesikhathi nithenga ngoKhisimusi. Ngisho noma abazali bakhe kwakudingeka bamfune amahora namahora, ingabe babezoyeka ukuzama ukumthola?

Njengengane ehlukene nabazali bayo, isono sethu sisehlukanisa noNkulunkulu. KwabaseRoma 3:23 ithi “bonke bonile futhi basilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” Lokho kuzwakala kungenathemba, kodwa njengomzali ongeke aphele amandla, uNkulunkulu wathola indlela yokulungisa ubuhlobo bethu Naye.

Unkulunkulu wasithanda kakhulu kangangokuthi waze wathumela iNdodana yakhe, uJesu, ukuba izosivulela indlela yokuba nobuhlobo naye. Sasingeke sikwazi ukukhokha isikweletu esadalwa yisono sethu. Lapho uJesu efa esiphambanweni, wasithathela isijeziso sethu. Lapho uJesu evuka kwabafileyo, wabonisa ukuthi unamandla ngaphezu kwakho konke isono, ukufa, nobubi kulomhlaba. Uma sicela uJesu empilweni yethu, sibuyisana noBaba wethu osezulwini, futhi sithola amandla okunqoba, njengoba kwenza uJesu.

Ujesu uyinjongo nomthombo wethemba lethu. Yingakho uKhisimusi ubaluleke kangaka. Ngaphandle kokuzalwa kukaJesu, ukufa, nokuvuka kwakhe, izono zethu bezingeke zithethelelwe. Besisazoba kude noNkulunkulu, njengengane elahlekile ngesikhathi sokuthenga ngoKhisimusi.

Ithemba liqala ngokuhlangana kabusha noNkulunkulu, futhi uma sesikhona, uJesu uqala ukuletha ithemba kuzo zonke izici zokuphila kwethu. Asikho isimo empilweni yakho njengamanje esibi kakhulu “ngethemba eliphilayo” esithenjiswe lona ku-1 Petru 1:3. Ukhisimusi umayelana nethemba, futhi lelo themba belingeke libe khona ngaphandle kukaJesu.

Thandaza:

Jesu, ngiyabonga ngokukhokha isikweletu engingasoze ngasikhokha. Uyisizathu sokuthi ngibe nethemba kuzo zonke izimo. Ngisize ngikhumbule ukuthi wona lawo mandla ahlala kuwe ahlala kimi. Unqobe okubi kakhulu okungalethwa wumhlaba, futhi naWe, ngingenza okufanayo.

Zindla:

Iyiphi ingxenye yempilo yakho ongasebenzisa kuyo ithemba njengamanje? Cela uNkulunkulu akusize ube nethemba kuzo zonke izici zokuphila kwakho.
Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Hope Is

Sonke sifuna ukukholelwa ukuthi kukhona okungcono okuzayo. Futhi uNkulunkulu uyazi ukuthi sidinga okungaphezu kwezipho ezibekwa ngaphansi kwesihlahla ukuze sithole injabulo. Esikudingayo ithemba. Yenziwe yi-NewSpring Church, lolu hlelo luzokusiza ukuthi uthole amandla ethemba nokuthi luwushintsha kanjani umbono wethu ngayo yonke into ezimpilweni zethu.

More

Sithanda ukubonga i NewSpring Church ngokusinikeza lolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: www.newspring.cc

Izinhlelo zohlobo olufanayo