Ithemba LinjaloIsampula

Hope Is

USUKU 5 KWEZINGU- 14

Ithemba Liyaphikelela

Uhambo lukaMariya noJosefa lwamamayela angu-70 besuka eGalile beya eBhetlehema lwabayisa emigwaqweni enamatshe nengalingani. Lolu hambo lwaluzokhathaza insizwa esesimweni esihle kakhulu somzimba, ingasaphathwa eyowesifazane okhulelwe.

Cishe uMariya waba nezikhathi lapho afuna ukuyeka. Kodwa wayekholelwa ukuthi uNkulunkulu wayezothembeka, ngakho lapho umgwaqo unzima nezimo zokuzala zingezinhle, wayengabambelela esithembisweni sokuthi ingane yakhe yayizokhula ibe indoda eyayizosindisa umhlaba.

Lapho ithemba lethu ezithembisweni zikaNkulunkulu linquma izenzo zethu, ukholo luyakhula. AmaHebheru 11:1 achaza ukholo ‘njengokuqiniseka ngalokho esinethemba lakho nokuqiniseka ngesingakuboni. Ngokuqiniseka ngalokho ababekulindele, hhayi indlela ababezizwa ngayo noma lokho ababekubona, uMariya noJosefa bakhuthazela.

Ngezinye izikhathi, sizwa ukungaqiniseki kwemigwaqo engalingani, enamatshe. Singase sizizwe sengathi sisohambweni olubonakala lungenakwenzeka. Ithemba yilo elisivumela ukuthi sibekezelele ukwesaba nobuhlungu. Futhi ithemba linamandla kakhulu kunanoma yiluphi uhambo lokukhuphuka umqansa esibhekene nalo namuhla.

Thandaza:

Jesu, ngiyabonga ngokunginika ithemba ebunzimeni. Ngifuna lokho kubangani kanye nomndeni wami futhi. Siza ____________ ukuba akholwe izithembiso zakho nakuba izimo zokuphila zibonakala zingaqinisekile.

Zindla:

Ingabe ubhekene nobunzima ngokwezimali, ngokobudlelwane, noma ngokomoya? Iyiphi ingxenye yempilo yakho lapho udinga khona usizo ukuze ubekezele? Cabanga ngalokho obhekene nakho nokuthi uzizwa kanjani ngezinselelo ezizayo.
Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Hope Is

Sonke sifuna ukukholelwa ukuthi kukhona okungcono okuzayo. Futhi uNkulunkulu uyazi ukuthi sidinga okungaphezu kwezipho ezibekwa ngaphansi kwesihlahla ukuze sithole injabulo. Esikudingayo ithemba. Yenziwe yi-NewSpring Church, lolu hlelo luzokusiza ukuthi uthole amandla ethemba nokuthi luwushintsha kanjani umbono wethu ngayo yonke into ezimpilweni zethu.

More

Sithanda ukubonga i NewSpring Church ngokusinikeza lolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: www.newspring.cc

Izinhlelo zohlobo olufanayo