Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso. Ihhashi liyize ekusindiseni, alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo. Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe, ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni, abaphilise endlaleni. Umphefumulo wethu ulindela uJehova; ungukusiza kwethu nesihlangu sethu. Ngalokho inhliziyo yethu ithokoza ngaye, ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele. Umusa wakho, Jehova, mawube phezu kwethu, njengalokhu sithemba wena.
Funda AmaHubo 33
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 33:16-22
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo