Oswald Chambers: Ukuthula- Impilo kuMoyaIsampula
![Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F1032%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Sikhuluma "ngezimo esingakwazi ukuzilawula." Akekho kithi okwazi ukulawula izimo zethu, kodwa sinesibopho sendlela esiziphatha ngayo phakathi kwezinto njengoba zenzeka. Izikebhe ezimbili zingaphambana ngezindlela emoyeni ofanayo, ngokobuchwephesha bomshayeli. Umshayeli oqhubela umkhumbi wakhe ematsheni uthi akakwazanga ukusiza, umoya wawuya ngalapho; lowo ohambise isikebhe sakhe emntwentweni wayenomoya ofanayo, kodwa wakwazi ukuthena oseyili bakhe ukuze umoya umhambise endleleni ayeyifuna. Amandla okuthula kukaNkulunkulu ayokusiza ukuba uqondise inkambo yakho ebuxakaxakeni bempilo ejwayelekile.
O Nkosi, ngiphendukela kuwe, Kuwe. Ngingongenalo ikhaya uze Ungithinte ngokuphepha kokuthula kwakho, ukuzwa ubuhle bothando lwakho.
Imibuzo Yokuzindla: Kunamaphi amandla ukuthula phezu kwempilo yami? Ingabe ngincisha ukuthula amandla ngokuphikelela nokuthi kuzithobe "endleleni yomqondo wami"? Yikuphi ukuphepha okungadlula ukuba nokuthula kuka Nkulunkulu onothando?
Izicaphuno ezithathwe ku-The Moral Foundation of Life ne-Knocking e-Door kaNkulunkulu, © Discovery House Publishers

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
![Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F1032%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Ukuthula: Impilo kuMoya ingumgcinimafa okhuthazayo wezingcaphuno kwimisebenzi ka Oswald Chambers, umbhali othandekayo nozinikele kumhlaba wonke futhi ongumbhali we My utmost for His Highest. Thola ukuphumula kuNkulunkulu mase uthola ukuqonda okujulile kokubaluleka kokuthula kukaNkulunkulu empilweni yakho.
More
Sithanda ukubonga i Discovery House Publishers ngokunikeza ngalolu Hlelo. Ngeminiye imininingwan, sicela uvakashele: www.utmost.org.tv