Uhambo Oluya EmkhonjeniIsampula

Journey To The Manger

USUKU 15 KWEZINGU- 70

Okwenza Ufune

Ngesikhathi sokuzalwa kukaKristu, inkanyezi entsha ekhazimulayo yavela ezulwini. Ukukhanya kwayo kwakunamandla amakhulu kangangokuthi yadonsela iqembu lezazi zasempumalanga ukuba ziqale uhambo olude lokufuna iNkosi eyayikade ibikezelwe. Lawa kwakungamadoda anolwazi olukhulu avela entshonalanga yeEshiya ayesebenzise impilo yawo yonke efuna ukuhlakanipha njengezazi zefilosofi, abapristi, nababhula ngezinkanyezi. Kodwa, kukho konke ukufuna kwabo ngokomoya, babelambele okungaphezulu.

Bezimisele ukushiya impilo yabo entofontofo nemisebenzi ehlonishwayo, babeka konke engozini ukuze bathathe uhambo oluyingozi ezimweni ezinzima nezingaziwa. Kepha ngenxa yokuthi izinhliziyo zabo zazibanjiwe yilesi sibonakaliso sokuthi kuzelwe umkhululi onamandla, baphoqeleka ukuba bafune baze bamthole.

Njengezazi, lapho sihlangana ubuso nobuso noJesu, singabeka eceleni ulwazi lwethu lobuntu. Phambi kokuhlakanipha Kwakhe okuphakade, masidumise ngentokozo lowo esimfunayo.

Ongakwenza Yenza okuhle! Isikhathi esilandelayo ukhokhela ikhofi lakho, khokhela osemvakwakho.

Usuku 14Usuku 16

Mayelana naloluHlelo

Journey To The Manger

Ngobusuku obuthule eminyakeni ewu-2000 eyedlule, izingelosi zaletha izindaba zokuzalwa koMsindisi eqenjini labelusi ababeluse imihlambi yabo. Futhi ngemuva kokuzwa lezi zindaba, labo belusi bashiya konke ukufuna umntwana emkhombeni eBetlehema. Yonke le minyaka kamuva, isimemo asikashintshi. Joyina uDkt. Charles Stanley njengoba ekusiza ukuba usondele kuMsindisi futhi ekukhuthaza ukuthi wenze isikhathi sokuphumula othandweni lukaBaba kule sizini

More

Sithanda ukubonga iTouch Ministries ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/yv18