Uhambo Oluya EmkhonjeniIsampula

Journey To The Manger

USUKU 14 KWEZINGU- 70

Ukuhlangana noJesu

Cabanga isimanga sabelusi lapho ingelosi yeNkosi ikhuluma nabo, ilandelwa yizinkumbi zebandla lasezulwini ezagcwalisa isibhakabhaka ebusuku ngokukhanya nangonomculo. Cabanga nje injabulo yabo lapho beshiya amasimu nezimvu zabo ukuthola konke ingelosi eyayibatshele khona.

Kodwa-ke okwaguqula kakhulu impilo yabo ngalobobusuku kwaba ukuhlangana noMesiya ubuso nobuso. Kwashukumisa izinhliziyo zabo ukuba badumise. Izingelosi zatshela abelusi bezimvu abathobekile ukuthi lolu sana olwalusemkhonjeni lwalungubani, futhi izinhliziyo zabo ezilindele zabavumela ukuthi bambone futhi bamnike udumo ayelufanele njengeNkosi.

Kanjalo, lapho uhlangana noJesu futhi umbona ukuthi ungubani, ukuqaphela uthando nenkazimulo yaKhe kuzogcwalisa inhliziyo yakho ngokubonga kukwenze ufune ukumazi kangcono.

Activity: Make a playlist of your favorite Christmas hymns or worship songs. As you spend time listening, reflect on God’s overwhelming love for you.

Usuku 13Usuku 15

Mayelana naloluHlelo

Journey To The Manger

Ngobusuku obuthule eminyakeni ewu-2000 eyedlule, izingelosi zaletha izindaba zokuzalwa koMsindisi eqenjini labelusi ababeluse imihlambi yabo. Futhi ngemuva kokuzwa lezi zindaba, labo belusi bashiya konke ukufuna umntwana emkhombeni eBetlehema. Yonke le minyaka kamuva, isimemo asikashintshi. Joyina uDkt. Charles Stanley njengoba ekusiza ukuba usondele kuMsindisi futhi ekukhuthaza ukuthi wenze isikhathi sokuphumula othandweni lukaBaba kule sizini

More

Sithanda ukubonga iTouch Ministries ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/yv18