Uhambo Oluya EmkhonjeniIsampula
Hamba Ngokukholwa
Imibhalo isikhumbuza ukuthi amadoda nabesifazane abaningi abalungile ababonanga izithelo zethemba labo lwaze ukholo lwabo lwavivinywa kanzima. Kwezinye izimo, abazange bazibone izimpendulo zeminye yemithandazo yabo esikhathini sokuphila kwabo. Nokho lokhu akuzange kubavimbe ekukholweni uNkulunkulu usuku nosuku.
Kwakungekho mprofethi obhalayo kwa-Israyeli iminyaka engamakhulu amane, kepha abesilisa nabesifazane abanjengoSimeon no-Anna — abantu abesaba uNkulunkulu babemlindele uMesiya weqiniso — babesabambelele enkolelweni yabo yokuthi iNkosi izokwenza ekushilo. Babengalilahlile ithemba, noma sebekhulile. Akumangalisi ukuthi bambona lowo okwase kuyisikhathi eside elindelwe lapho beMbona ezandleni zikanina — yize kungekho omunye umuntu owayebona ukuthi Nguye.
Kwakungenandaba ukuthi lomndeni owawusemusha ngokusobala wawumpofu, uletha ethempelini umnikelo obiza kakhulu. USimeon no-Anna babona ubukhosi ngaso leso sikhathi ngoba babehlala behlangana njalo noNkulunkulu, behamba ngokholo kunokubona.
Ongakwenza: Nikela ngethoyizi elisha kunhlangano esizayo esabalalisa izipho zikaKhisimusi ezinganeni eziswele.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ngobusuku obuthule eminyakeni ewu-2000 eyedlule, izingelosi zaletha izindaba zokuzalwa koMsindisi eqenjini labelusi ababeluse imihlambi yabo. Futhi ngemuva kokuzwa lezi zindaba, labo belusi bashiya konke ukufuna umntwana emkhombeni eBetlehema. Yonke le minyaka kamuva, isimemo asikashintshi. Joyina uDkt. Charles Stanley njengoba ekusiza ukuba usondele kuMsindisi futhi ekukhuthaza ukuthi wenze isikhathi sokuphumula othandweni lukaBaba kule sizini
More