Uhambo Oluya EmkhonjeniIsampula

Journey To The Manger

USUKU 17 KWEZINGU- 70

UNkulunkulu Ubona Okukhulu

Abaningi bethu bangacabanga ukuthi uma uJesu eza emhlabeni namuhla, angakhetha umndeni ohlanzekile, ofundile angakhula kuwo -futhi amemezele izindaba ezikhazimulayo zokuzalwa Kwakhe eqenjini elikhethiwe labefundisi abavelele. Nokho iqiniso lendaba kaKhisimusi likhombisa umehluko phakathi kombono kaNkulunkulu nezilinganiso zethu zomhlaba. Ngokwanamuhla, kwakungenzeka ukuthi uJesu azalwe ngumakhenikha osebenza kanzima endaweni engenamali kanye nengoduso yakhe eyi-waitress. Futhi mhlawumbe izingelosi zaziyovela eqenjini lababeboshiwe echibini labasebenzi, lisenbenza umsebenzi wokumba imisele.

Sivame ukukhohlwa ukuthi uMariya noJosefa babephansi kangakanani emphakathini nokuthi abelusi babebukelwa phansi njengabangcolile nabangathembekile ngezilinganiso zamaJuda. Umuntu ngamunye oweza emkhombeni kaJesu ngalobo busuku obungenakuqhathaniswa wayebhekane nokwaliwa nokuhlukaniswa. Kepha laba kwakungabantu abakhethekile uNkulunkulu abakhetha ukuzwa esinye sezehlakalo ezingcwele kunazo zonke ezake zenzeka. Wabona izinhliziyo zabo nokubaluleka kwabo — ngisho noma kungekho omunye umuntu owayebabona.

Ongakwenza: Hlangana nabangani nihambise ukudla endaweni yabangenamakhaya.

Usuku 16Usuku 18

Mayelana naloluHlelo

Journey To The Manger

Ngobusuku obuthule eminyakeni ewu-2000 eyedlule, izingelosi zaletha izindaba zokuzalwa koMsindisi eqenjini labelusi ababeluse imihlambi yabo. Futhi ngemuva kokuzwa lezi zindaba, labo belusi bashiya konke ukufuna umntwana emkhombeni eBetlehema. Yonke le minyaka kamuva, isimemo asikashintshi. Joyina uDkt. Charles Stanley njengoba ekusiza ukuba usondele kuMsindisi futhi ekukhuthaza ukuthi wenze isikhathi sokuphumula othandweni lukaBaba kule sizini

More

Sithanda ukubonga iTouch Ministries ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://intouch.cc/yv18