Izinsuku Ezingu-12 Zothando Oluhlala NjaloIsampula
Ukuhlanganisa Ubizo Lwakho
Lapha ngalolu suku lwesibili lokwakha uthando oluhlala njalo, sibhekene nesinye futhi isihloko esinzima: ukuhlanganisa ubizo Lwakho.
Iqiniso liwukuthi, umuntu ngamunye kulo mhlaba unobizo oluphefumulelwe nguNkulunkulu empilweni. Futhi uma uwedwa, kulula kakhulu ukucabanga ukuthi uNkulunkulu uyokwenza kanjani lokho kubizwa emhlabeni wakho.
Kodwa okwenzekayo uma ushada ukuthi kufanele ucabange ukuthi ungahlanganisa kanjani nalolo bizo kube yinto ehlangene. Futhi ngokuvamile sidonswa ndawonye ngobizo olufanayo - ukuthola ukuthi lokho kufana kwesinye isikhathi akufani ngokwanele.
Pho-ke kuthiwani? Yilapho wamukela uJesu emzabalazweni wakho wokuhlanganisa ubizo lwakho omunye komunye. Kungumsebenzi – pho kungani ubungakwenza uwedwa? Memela iNkosi kulokhu futhi uyivumele isebenze nawe ukuguqula ukungqubuzana kwakho kube ukuphelelisana.
Anisengabantu ngabanye - manje seniyiqembu, okusho ukuthi nobabili niyawina noma nobabili nihluliwe. Ukuhlanganisa ubizo lwakho kukusiza ukuthi uwine, okukubeka kahle endleleni eya othandweni oluhlala njalo.
Mayelana naloluHlelo
Kulolu cwaningo, sizokuqondisa ohambweni lobudlelwano oluhlanganisa izindlela ezingu-12 ezibalulekile zokuba Nothando Oluhlala Njalo.
More