Izinsuku Ezingu-12 Zothando Oluhlala NjaloIsampula
Izigqi
Isigqi into eyakhelwe ekudalweni. Siyabona ukuthi endimeni ebekwe kahle evela kumShumayeli esiyifunda namuhla: kukhona isikhathi nenkathi yakho konke. Ngeke senze yonke into ngaso sonke isikhathi ngaphandle kokuphumula - lokho kuyindlela yokuqeda ukutubeka.
Into (ngezinye izikhathi) ekhungathekisayo ithi: isigqi siphinde sibe yinto eyakhelwe kithina. Sonke sinezigqi zethu ngabanye, izindlela esithanda ukuhamba ngazo ekuphileni kwethu, nokusebenza ngezigqi zomhlaba, zomzimba, zomqondo, nezomoya kuyadingeka ukuze sisebenze kahle.
Pho-ke wenzani uma wena nowakwakho ninezigqi ezahlukene?
Kuyadida! Kodwa leso ngesinye sezizathu eziningi ezenza sibe noMoya oNgcwele, ngoba angasisiza ekuthobeleni omunye nomunye, ngisho noma singawaqondi noma izigqi zawo.
Ukuqonda ukuthi sinezigqi kuwukhiye wokuqala ekutholeni izindlela zokwenza lezo zigqi zihambisane ukuze sithole ubumbano sakhe uthando oluhlala njalo. Ngakho-ke yamukele isigqi somngani wakho womshado bese uzama ukuthola izindlela zokuhambisana nesakho.
Mayelana naloluHlelo
Kulolu cwaningo, sizokuqondisa ohambweni lobudlelwano oluhlanganisa izindlela ezingu-12 ezibalulekile zokuba Nothando Oluhlala Njalo.
More