Izinsuku Ezingu-12 Zothando Oluhlala NjaloIsampula

12 Days To A Love That Lasts

USUKU 10 KWEZINGU- 12

Ithemba
 

Namuhla kumayelana nethemba
 

Lokhu kukhulu.
 

Isiqephu esisifunde kuLuka sivame ukuzwiwa sifundwa ngokuzwakalayo uma sekuyisikhathi sokuqoqa umnikelo esontweni, kodwa nakuba singasebenza ezintweni zomuntu, singasebenza nasenhliziyweni yomngani wakho womshado.
 

Okungukuthi: uma uthembekile ezintweni ezincane, zansuku zonke, usuke ubabonisa ukuthi ungethenjwa ezintweni ezinkulu.
 

Njengomshado wakho uqobo, ukwethembana kuyakhiwa ngokuhamba kwesikhathi. Lapho uzibonakalisa uthembekile ngokwengeziwe, umngani wakho womshado uyokwethemba ngokwengeziwe ngenhliziyo yakhe eyengeziwe.
 

Ufuna uthando oluhlala njalo? Lwakhe phezu kokuthembana. Kancane kancane, nsuku zonke, unyaka nonyaka. Lolo uhlobo lothando olungahlala ukuphila kwakho konke.
 

Usuku 9Usuku 11

Mayelana naloluHlelo

12 Days To A Love That Lasts

Kulolu cwaningo, sizokuqondisa ohambweni lobudlelwano oluhlanganisa izindlela ezingu-12 ezibalulekile zokuba Nothando Oluhlala Njalo.    

More

Sithanda ukubonga uJefferson no-Alyssa Bethke no- Jeff Bhethke ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: https://lovethatlasts.co/