Ukunqoba Imicabango Yokuzibulala kanye NokuzilimazaIsampula
Uyathandwa
Ingabe wake wazizwa ungathandeki, sengathi akekho ongakuthanda okwangempela?
Iqiniso liwukuthi, uthandwa ngokungananazi uNkulunkulu owakudalayo. Kungakhathaliseki ukuthi mangaki amaphutha owenzile, noma ukuthi ucabanga ukuthi awulufanele kangakanani uthando, uNkulunkulu uyohlale ekubiza ngomntwana Wakhe.
UNkulunkulu akasithandi nje njengesenzo. Empeleni uyi ngqikithi yothando, iBhayibheli lisitshela ukuthi singalwazi futhi sithembele kulo. Futhi lolu thando uNkulunkulu akunika lona ngesihle? Awusoze wasuswa kulo. Ukufa, ukuphila, yimanje, ikusasa—akukho kulokhu okunamandla anele okukuhlukanisa nothando lukaNkulunkulu.
Nokho uNkulunkulu akasho nje ukuthi uyasithanda. Wakufakazela lokho kithi ngokuthumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu, ukuba ife njengenhlawulo yazo zonke izono zesintu. UJesu akazange ahlale efile—wavuka ngokuyisimangaliso ethuneni, enqoba ukufa phakade futhi enikeza indlela yokuba ube nobuhlobo Naye ukuphila kwakho konke naphakade. Okufanele ukwenze nje ukwamukela isipho samahhala sothando Lwakhe futhi uzibophezele ekumlandeleni Yena. Uyathandwa!
Zinike isikhashana manje ukuthandaza lokhu kuNkulunkulu: Nkulunkulu, ngiyabonga ngokungagcini nje ngokungithanda, kodwa ngokuba yiyona ncazelo yothando. Ngisho noma ngizizwa ngingalufanele uthando lwanoma ubani, Usangithanda, futhi akukho okungakushintsha lokho! Namuhla, ngemukela isipho samahhala sothando Osinikeze ngendodana Yakho uJesu futhi ngikucela ukuthi ungiqalele kabusha empilweni yami. Nginikela impilo yami ngokugcwele Kuwe. EGameni likaJesu, ngiyakhuleka. Ameni.
Thatha Isinyathelo Manje
Khuluma nomuntu olungele ukulalela 24/7: shayela ku-1-800-273-8255 noma uthumele umbhalo ku-741741 (e-USA kuphela)
Ukuze uthole izinsiza ezengeziwe zokuvimbela ukuzibulala, vakashela ku-life.church/findhope
Sijoyine eSontweni Ku-inthanethi bese uchofoza inkinobho Yokuthandaza Bukhoma ukuze uxoxe futhi uthandaze ubuso nobuso nomuntu okukhathalelayo, noma ucele umthandazo ku-Life.Church lapha.
Kulabo abangaphandle kwe-USA, thola izinsiza endaweni yangakini lapha.
Mayelana naloluHlelo
Uma uzizwa ungenathemba, noma uke waba nemicabango yokuzilimaza noma yokuzibulala, udinga ukwazi ukuthi kukhona uNkulunkulu okuthandayo, onenjongo ngawe, futhi onawe manje. Lolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku eziyisithupha lwe-Life.Church luzokusiza ukuthi uqonde ukuthi uNkulunkulu uthi ungubani futhi lukunike amandla uhambo lwakho lokuphulukisa. ***Uma usesimweni esiphuthumayo, sicela uthinte othile. Izinsiza zifakiwe zezifundiso zosuku ngalunye.
More