Izithelo ZikaMoyaIsampula
UKUBEKEZELA
Isithelo sikaMoya singukubekezela (Gal. 5:22)
Esahlukweni esikhuluma ngesithelo sothando sakhomba ukuthi uthando luyabekezela (1 Kor. 13:4). Kunjalo. Lezi zithelo ezimbili ziyahambisana. Othandayo uyabekezela. Kukhona okuthile engifuna ukukugcizelela maqondana nalesi sithelo. Kodwa masingakhohlwa ukuthi ngokwethu asinakusiveza. SingesikaNkulunkulu. Sidinga amandla akhe uma sizosiveza lesi sithelo.
UNKULUNKULU UYISIBONELO ESIKHULU SOKUBEKEZELA
Uyababekezelela abangakholwayo (2 Pet. 3:9). Leli vesi lithi iNkosi “ingathandi ukuba kubhubhe namunye kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.” Kuyiqiniso lokho. Noma abantu bemhleka, bamdelele, bamphike, badlale ngaye, uyababekezelela. Kukhulu ukubekezela kwakhe. Uyabathanda abayizitha zakhe. Kepha masikhumbule ukuthi uma bephikelela ekumdeleleni kwabo uzobabhubhisa njengoba esekwenzile phambili (Gen. 6:7).
Uyababekezelela abantwana bakhe. Noma ngezinye izikhathi bacish’ukweduka, bamfulathele, uyabathanda. Noma bemcasula, bemdabukisa ngezono abazenzayo, uyababekezelela. Obaba bethu bashesha ukuthukuthela kodwa uBaba wethu osezulwini uyasibekezelela.
SIFANELE NGANI UKUBEKEZELA?
Sifanele ukubekezela ngoba uNkulunkulu uyasibekezelela. Uma ezosiphatha ngokusifaneleyo singabhujiswa, sibulawe siye esihogweni. Ngakho-ke masibabekezelele abasihluphayo. Futhi, ukubekezela kuluphawu lwamakholwa, nesithelo. Abantu bazokwazi ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Siyoba yisibonelo esihle sikaKristu esimthandayo osibekezelelayo.
IZIMPAWU ZOKUBEKEZELA
- Umuntu obekezelayo uyaphuza ukuthukuthela. Akusho lokho ukuthi akanakuthukuthela, ngoba lukhona ulaka olufaneleyo (Ef. 4:26; Rom. 1:18). Kepha uma umuntu emhlupha uyamhawukela noma mhlawumbe amjezise ngamazwi amahle noma ngenye indlela. Ukubekezela akusiyo into ephelayo masinyane. Kuyaqhubeka kuhlale isikhathi eside.
- Umuntu obekezelayo uyashesha ukuthethelela. UNkulunkulu uyashesha ukumthethelela umuntu ophendukayo ecela ukuthethelelwa. Noma lowo muntu wayeyisitha sakhe esingakanani, esikude naye, uyamthethelela uma ephenduka ekholwa. Nathi esingabantwana bakhe kufanele sibathethelele masinyane labo abanamacala kithina (Math. 6:12). Kulukhuni lokho, kodwa kuyadingeka uma umuntu ezosithela lesi sithelo sokubekezela. UJesu wenzenjalo. Masilandele emkhondweni wakhe.
Isigcino: Ngokufushane nje ngithanda ukugcizelela lokhu kokuthi noma uNkulunkulu esibekezelela akanakuzivumela izono noma ezinye izenzo ezingafanele. Ngeke. Uma uJehova efuna ukumbuyisa umntwana wakhe endleleni uyambekezelela, kodwa uyamlaya futhi uma kudingeka. Kuhle sisithele lesi sithelo sokubekezela, kepha siyadinga futhi ukubaxwayisa abantu ngengozi abakuyona uma bengaphenduki bazivume izono zabo bazishiye, bazinikele kuJesu abe nguMsindisi neNkosi ezimpilweni zabo.
Lolu hlelo lokufunda luthathwe encwadini ka-J. Hicks, Izithelo ZikaMoya, (c) 2021 i-UBI Publishing, umnyango wezokushicilela we-Union Bible Institute.
Mayelana naloluHlelo
UJesu wathi, “Nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale” (Joh. 15:16). Wathi futhi, “Ngaphandle kwami ningenze lutho” (Joh. 15:5). Ukuthela izithelo kungukuphila impilo ayiphilayo uJesu eselapha emhlabeni. Kuyagcizelelwa kulawa mavesi angenhla ukuthi lokho kungumyalo kaJesu nokuthi akhona amandla okuzithela izithelo. UPawulu usitshela ngezithelo eziyisishiyagalolunye ezivezwa uMoya oNgcwele kulabo abamvumeleyo behamba ngokukaMoya (Gal. 5:22, 23). Sizokhuluma kancane ngalezi zithelo. Masikhumbule ukuthi ngokwethu asinamandla okuzithela. Kepha ngamandla akhe singazithela.
More
Sithanda ukubonga u- UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://publishing.ubi.ac.za