Izithelo ZikaMoyaIsampula
UKUJABULA
Isithelo sikaMoya singukujabula (Gal. 5:22)
Kufanele ukuba ikholwa libe ngumuntu othokoza kakhulu kunabantu bonke baleli lizwe. Ikholwa lijabula eNkosini (Fil. 4:4). Noma lihlezi kanjani ukujabula kusenjalo. Lesi sithelo sisekujuleni kwenhliziyo yekholwa, sihlala khona. Ake sibone izinto ezithile maqondana nalokhu kujabula:
UMTHOMBO WAKHO
Ukujabula akuveli kumuntu ngokwakhe. Kuvela kuJesu Kristu yedwa. Uthi uJesu, “Ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale” (Joh. 15:11). Uyena ongumthombo wokujabula okuyikhonakhona.
IZIZATHU EZINTATHU ZOKUJABULA
- Ngenxa yeNkosi yethu (1 Pet. 1:8). UPawulu uyabakhumbuza njalo abakholwayo ukuthokoza eNkosini. Uma sicabanga ngalokho asenzela khona uNkulunkulu, naye uqobo lwakhe kuletha injabulo enkulu enhliziyweni, noma sihlezi kanjani, noma sihamba kanjani.
- Ngenxa yefa lethu (1 Pet. 1:3-6). Amakholwa anefa elingapheliyo, elingenasisihla eligcinelwe ezulwini. Akekho umuntu ongaleba, ifa lethu. Akakho umuntu ongaliphanga ibhange lasezulwini. Lingelethu namuhla. Sibusisiwe ngezibusiso zonke zikaMoya namhlanje (Ef. 1:3).
- Ngenxa yabahlobo bethu. Ikholwa linabahlobo abaningi yonke indawo lapha emhlabeni. Bonke bangamalungu endlini kaNkulunkulu. Kakhulu uJesu ungumhlobo omkhulu. Ukweneliswa kuyisabelo somuntu okholwayo. Ugcwele ukujabula.
IZIMPAWU ZOMUNTU OSIVEZAYO LESI SITHELO SOKUJABULA
Mangigcizelele ukuthi lezi zimpawu zibonwa abantu ngoba lowo muntu uyazinikela ngokupheleleyo kuMoya oNgcwele. Ukujabula kubonakaliswa ngokuzethemba izithembiso zikaNkulunkulu (1 Pet. 1:8). Lo muntu uyabheka phambili. Uyazithatha izithembiso zibe ngezakhe zonke, noma ehlezi kanjani. Ukujabula kubonakaliswa futhi ngokubonga (Ef. 5:20). Umntwana kaNkulunkulu uyazibonga izinto zonke ngoba eqonda ukuthi konke kusebenzelana kube ngokuhle (Rom. 8:28). Kubonakaliswa ngokuzinikela (Rom. 12:1). Umuntu ojabula ngeqiniso ungumuntu ozinikelayo. UPawulu wakhombisa lokho uma ethi, “Wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona” (2 Kor. 5:14, 15). Umntwana kaNkulunkulu akaziphileli. Uyamphilela uJesu, nabanye.Lokho kuyamjabulisa enhliziyweni kumenelise. Okokugcina, ukujabula kubonakaliswa ngokwaneliswa (Fil. 4:11). Wanelisiwe umuntu ojabulayo enhliziyweni. Izinhlupheko zale mpilo azinakumkhathaza, zimahlule. Ukwaneliswa kuyisabelo sakhe.
Kuyiqiniso bathandekayo. Asizidingi izinto zalo mhlaba, imfuyo, nengcebo, nokunye ukuba sijabuliswe, seneliswe. UJesu Kristu kuphela omjabulisayo umuntu amenelise uma ezinikela kuye ngokupheleleyo. Isithelo sokujabula siqondene nomntwana kaNkulunkulu kuphela. Uyena yedwa ongumthombo wokujabula konke.
Mayelana naloluHlelo
UJesu wathi, “Nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale” (Joh. 15:16). Wathi futhi, “Ngaphandle kwami ningenze lutho” (Joh. 15:5). Ukuthela izithelo kungukuphila impilo ayiphilayo uJesu eselapha emhlabeni. Kuyagcizelelwa kulawa mavesi angenhla ukuthi lokho kungumyalo kaJesu nokuthi akhona amandla okuzithela izithelo. UPawulu usitshela ngezithelo eziyisishiyagalolunye ezivezwa uMoya oNgcwele kulabo abamvumeleyo behamba ngokukaMoya (Gal. 5:22, 23). Sizokhuluma kancane ngalezi zithelo. Masikhumbule ukuthi ngokwethu asinamandla okuzithela. Kepha ngamandla akhe singazithela.
More
Sithanda ukubonga u- UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://publishing.ubi.ac.za