Izithelo ZikaMoyaIsampula

Izithelo ZikaMoya

USUKU 3 KWEZINGU- 4

UKUTHULA

Isithelo sikaMoya singukuthula (Gal. 5:22)

Sikhuluma ngokuthula okutholakala encwadini kwabaseFilipi 4:7 lapho uPawulu ekhuluma ngokuthula kukaNkulunkulu. Yikho lokho anakho umntwana kaNkulunkulu engqondweni uma ezinikela kuMoya oNgcwele ngokupheleleyo. Yiso lesi sithelo esifanele ukusithela. Masibone okuthile ngalokhu kuthula:

UMTHOMBO WAKHO UNGUJESU KRISTU

Umthombo wokuthula konke unguJesu. Uma engekho uJesu akukho ukuthula noma okunjani. Akwenzeki ukuba kube khona ukuthula uma uJesu engekho. Ukuthula emhlabeni, noma ukuthula kuNkulunkulu, noma ukuthula kukaNkulunkulu akukho ngaphandle kwakhe. UJesu wathi, “Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona” (Joh. 14:27). Kuvela kuye. Ungumthombo wakho.

IZIMPAWU ZAKHO

Kunjani lokhu kuthula? Unjani umntwana kaNkulunkulu osithelayo lesi sithelo?

  • Kuyabonakaliswa yilowo omethembayo uNkulunkulu ngokupheleleyo. UPawulu wathi, “Izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu” (Fil. 4:6). Okukhomba ukuthi umuntu udinga ukumethemba uNkulunkulu. Akufanele athembe abantu, futhi akufanele azethembe yena. Baningi ababikela abantu izicelo zabo, bacele ukuba babasize kepha abamethembi uNkulunkulu. Akufanele lokho. Abanakusithela lesi sithelo uma bekwenza lokho.
  • Kuyakususa ukukhathazeka konke. Uthi uPawulu, “Ningakhathazeki ngalutho” (Fil. 4:6). Umuntu okhathazekayo akanakho ukuthula kukaNkulunulu. Umuntu othembayo akanakukhathazeka. Azihambisani lezo zinto ezimbili. Ukukhathazeka kuyisono. Kuyakhombisa ukungamethembi uNkulunkulu. Uma wena nami sisithela lesi sithelo sokuthula asinakukhathazeka, kususiwe.
  • Kuyazithulisa izitha zikaKristu (1 Pet. 2:15). Uthi uPetru, “Ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula.” Ikholwa elikhathazekayo njalo liyazinika izitha zikaJesu ithuba lokumdelela nelokumhleka. Zizolidumaza igama likaJesu eliliphetheyo ikholwa. Ikholwa elisithelayo lesi sithelo liyazithulisa zingalitholi ithuba lokumhleka uJesu. UJesu wathi, “Babusisiwe abalamulayo” (Math. 5:9). Impela labo abakubonakalisayo ukuthula kukaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi babusisiwe.

Akhona amaphimbo amaningi ezweni akhuluma ngokuthula. Izinhlangano ezithile ziyazama ukukwenza ukuthula emhlabeni. Kepha akwenzeki, ngoba izwi lithi, “Akukho ukuthula kwababi, usho uJehova” (Isaya 48:22; 57:21). Abamnaki uJesu, ngakho-ke abanakukuthola ukuthula. Ukuthula kuqondene noJesu kuphela. Kuvela kuyena kuphela. Bathi: “Ukuthula, ukuthula,” kodwa akukho.

Kholwa, unakho ukuthula kukaNkulunkulu okulondoloza inhliziyo yakho nemicabango yakho na? Uma kungenjalo zinikele kuMoya oNgcwele ngokupheleleyo, ukuze ube nakho. Ufanele ukusithela lesi sithelo njalo empilweni yakho. UJesu makabe yiNkosi yempilo yakho ngoba uyiNkosi yokuthula.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Izithelo ZikaMoya

UJesu wathi, “Nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale” (Joh. 15:16). Wathi futhi, “Ngaphandle kwami ningenze lutho” (Joh. 15:5). Ukuthela izithelo kungukuphila impilo ayiphilayo uJesu eselapha emhlabeni. Kuyagcizelelwa kulawa mavesi angenhla ukuthi lokho kungumyalo kaJesu nokuthi akhona amandla okuzithela izithelo. UPawulu usitshela ngezithelo eziyisishiyagalolunye ezivezwa uMoya oNgcwele kulabo abamvumeleyo behamba ngokukaMoya (Gal. 5:22, 23). Sizokhuluma kancane ngalezi zithelo. Masikhumbule ukuthi ngokwethu asinamandla okuzithela. Kepha ngamandla akhe singazithela.

More

Sithanda ukubonga u- UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://publishing.ubi.ac.za