Izithelo ZikaMoyaIsampula

Izithelo ZikaMoya

USUKU 1 KWEZINGU- 4

UTHANDO

Isithelo sikaMoya singuluthando (Gal. 5:22)

UNkulunkulu uluthando. Wasithanda, ngakho-ke masithandane. Siyayalwa kaningi ukulubonakalisa uthando ezimpilweni zethu. UNkulunkulu ungumthombo wothando lonke. Esahlukweni se-13 sencwadi yokuqala kwabaseKorinte, sifunda okuningi okuqondene nothando.

ISIDINGO SOTHANDO (1 Kor. 13:1-3)

  • Luyadingeka kunesiphiwo sokukhuluma nesokushumayela. Izwi lithi kufanele uthando lusiqhubezele (2 Kor. 5:14). Umuntu onesiphiwo sokukhuluma engenalo uthando akanakumthokozisa uNkulunkulu, ubanga umsindo nje. Uma singenalo uthando siyazichitha iziphiwo zethu.
  • Luyadingeka kunokwazi nokukholwa. Umuntu angalichaza kahle iBhayibheli lonke awakhulume kahle amaqiniso alo, kodwa uma engenalo uthando akusizi lutho lokho. Kuhle ukuba nokwazi nokukholwa kodwa kodwa nakulokho masisiveze isithelo sothando.
  • Luyadingeka kunokunikela. Sengathi kuleli vesi sibona umuntu onikela kakhulu ngesikhathi sakhe, izipho zakhe, nangakho konke kwakhe, kepha uma engenayo injongo efaneleyo akusizi lutho, kuyize. Kufanele izenzo zakhe zonke zivele enhliziyweni egcwele uthando.

ISIMO SOTHANDO (1 Kor. 13:4-7)

Mhlawumbe siyabuza ukuthi, “Lunjani lolu thando?” UPawulu uthi isimo sothando luyabekezela. Alutatazeli. Lumnene. Alubalimazi abanye. Lufana noJesu. UJesu wabaphatha kahle bonke noma beyizitha zakhe. Uthando luyaxolisa uma lumlimaza omunye. Aluzigabisi. Luyazithobisa. Luyakhuluma iqiniso. Aluzenzisi. Umuntu ogcwele uthando uyakhuluma iqiniso ngaso sonke isikhathi enhliziyweni yakhe (AmaH. 15:1). Uqotho njalo. Uthando alunagqubu. Uma umuntu onothando ehletshwa akakhathazeki. Uyakubeka konke esandleni sikaNkulunkulu owahlulela ngokulunga (1 Pet. 2:23). Luthokozela iqiniso. Uma iqiniso libekwa obala noma linjani noma limlethelani uyathokoza. Iqiniso liyabusa empilweni yakhe. Uthando luyakhuthazela. Umuntu onothando uyazindla ngezinto ezinhle njalo ngomunye umuntu.

UBUKHULU BOTHANDO (1 Kor. 13:8-13)

Uthando lukaNkulunkulu alupheli. Luhlala lunjalo. Aluguquki. Noma uthando lwethu lubuthakathaka kaningi, olwakhe lusenjalo. UNkulunkulu uyayambula ngokusobala intando yakhe kumntwana wakhe omthandayo kakhulu esiveza lesi sithelo sothando empilweni yakhe. UPawulu uthi uthando lukhulu kunokukholwa nethemba. Akakudeli ukukholwa nethemba. Kepha ukhomba ubukhulu bothando.

Uthando luyadingeka. Lufanele. Masimthande uNkulunkulu kuqala bese sibathanda abazalwane bethu kanye nabangakholwayo. Masisibonakalise lesi sithelo ngaso sonke isikhathi sokuphila kwethu lapha emhlabeni. Akhona amandla kuyena okusithela (Joh. 15:5). Lolu thando luzobasingatha abantu bonke, ngesikhathi sonke noma sihlupheka kangakanani.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Izithelo ZikaMoya

UJesu wathi, “Nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale” (Joh. 15:16). Wathi futhi, “Ngaphandle kwami ningenze lutho” (Joh. 15:5). Ukuthela izithelo kungukuphila impilo ayiphilayo uJesu eselapha emhlabeni. Kuyagcizelelwa kulawa mavesi angenhla ukuthi lokho kungumyalo kaJesu nokuthi akhona amandla okuzithela izithelo. UPawulu usitshela ngezithelo eziyisishiyagalolunye ezivezwa uMoya oNgcwele kulabo abamvumeleyo behamba ngokukaMoya (Gal. 5:22, 23). Sizokhuluma kancane ngalezi zithelo. Masikhumbule ukuthi ngokwethu asinamandla okuzithela. Kepha ngamandla akhe singazithela.

More

Sithanda ukubonga u- UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://publishing.ubi.ac.za