Yini Engenziwa Isibindi?Isampula

What Would Courage Do?

USUKU 9 KWEZINGU- 10

Unkulunkulu unginika isibindi sokuphilela uJesu.

Ukwenza isinqumo sokulandela uJesu kudinga isibindi esikhulu. Kodwa kuseyisiqalo nje!

Unkulunkulu usicela ukuba sinikele kuye nsuku zonke. Lokho kusho ukuthi ufuna silahle izinto esizithandayo nezinto esijwayele ukuzenza uma zisenza singamphileli.

Kunzima lokho, kodwa kufanelekile. Ibhayibheli lithi kufana nokuzivocavoca umzimba, ukuqinisa imisipha yakho, nokuhlala ugxile ekutholeni umklomelo emncintiswaneni.

Yini okumele uyilahle ukuze ube ngcono ekuphileleni uNkulunkulu usuku nosuku? Mhlawumbe kuwukuphendula, ukuba nesimo sengqondo esibi, noma ukudlala lapho wazi ukuthi udinga ukuchitha isikhathi ufunda iBhayibheli. Kungaba noma yini ekuphazamisayo kuNkulunkulu!

Ngaso sonke isikhathi lapho uphazamiseka, khumbula ukuthi ugijima umjaho kaNkulunkulu. Mcele isibindi sokuqhubeka nokuzidela. Ujesu ungumklomelo wakho omangalisayo ekugcineni!

Khuluma Ngakho: Uma udela izinto zobugovu ngoNkulunkulu, kukwenza uqine kanjani kuNkulunkulu? Ucabanga ukuthi kukhombisa kanjani isibindi?

Usuku 8Usuku 10

Mayelana naloluHlelo

What Would Courage Do?

Isibindi asikhona ukuzizwa singesabi. Ukuthembela emandleni kaNkulunkulu ukukusiza uphile ngendlela Yakhe noma unokwesaba! Kubazali: Ingane yakho iyokuqonda ngokujulile ukufunda nemibuzo yosuku ngalunye uma uqedela lolu Hlelo LweBhayibheli nayo. Lolu hlelo luhlanganisa imidlalo eminingana yokudlala ukuze ubambe ngekhanda ivesi. Ungase ufune ukugada ukusetshenziswa kwezinto.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: www.life.church