KwabaseFilipi 3:7-14

KwabaseFilipi 3:7-14 ZUL59

Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu, ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe, uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo, kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseFilipi 3:7-14

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo