KwabaseFilipi 3:7-14

KwabaseFilipi 3:7-14 CZB24

Kodwa lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo, impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu; njalo ngifunyanwe kuye, ngingelakho okwami ukulunga okuvela emthethweni, kodwa lokho okungokholo lukaKristu, ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa; ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngifaniswe nokufa kwakhe; uba mhlawumbe ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo. Kungabi njengokuba sengikutholile, noma sengiphelele, kodwa ngiphuthuma ukuba ngikubambe lokho nami engibanjelwe kona nguKristu Jesu. Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile, kodwa kunye engikwenzayo, ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili; ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okuphezulu kukaNkulunkulu kuKristu Jesu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseFilipi 3:7-14