Ugxiliswe Ethembeni: Ukufundwa KweTestamente ElishaIsampula

Anchored in Hope: Readings From the New Testament

USUKU 3 KWEZINGU- 5

Zindla ngokufunda kwanamuhla usebenzisa le mibuzo:

  • UJesu wamphatha kanjani lona wesifazane owayekhishwa inyumbazane ngenxa yendlela yakhe yokuphila?
  • Le ndima iqhathanise kanjani indlala nokoma okungokwenyama nokomoya?

Amanzi Anikeza Ukuphila

UJesu wayegcwele umusa, ukunakekela, kanye nokuthethelela owesifazane owayenqatshelwe emphakathini ngenxa yokuthi wayenamadoda amaningi. Esikhundleni sokujabhisa ukukhetha kwakhe, uJesu wabonisa ngobumnene ukuthi amanzi angokomoya awanikezayo ayenelisa futhi enenjongo kunenduduzo ayeyifuna ngobudlelwane (4:17–18). Ngokulamba nokoma ngokomzimba, sidinga ukondliwa njalo. Ukwengeza, sivame ukufuna izixazululo zesikhashana (ubudlelwano, imidiya, imali, ukuba matasa, njll.) ukuze sisiphazamise ezidingweni zethu ezijulile. UJesu uyasibonisa kule ndaba ukuthi isifiso sethu esikhulu singokomoya nokuthi nguye yedwa ongasinika lomthombo wamanzi ophilayo ongaphakathi (4:14).

Cabanga ngendaba yakho:

  • Ukuhlangana noKristu kuletha ithemba elisha emva kwempilo yokudumala. Ukusebenzelana kukaJesu nowesifazane emthonjeni kwamnika kanjani umuzwa omusha wethemba?
Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Anchored in Hope: Readings From the New Testament

Sivame ukuthembela ezweni elisizungezile—ukukhushulwa esikhundleni, ubuhlobo obungcono, umkhndeni oqinile, nokweluleka kwabagulayo. Kodwa ukuthembela emiphumeleni yasemhlabeni kuphela kuyosehlula. IBhayibheli lithi siyobhekana nokulahlekelwa nokudumala emhlabeni, kodwa sigcinwe othandweni lukaNkulunkulu lwaphakade. Kulolu hlelo, uzofunda ngokunakekela kukaNkulunkulu futhi ubone ukuthi ithemba likamoya lingawaletha kanjani amandla phakathi kwezivunguvungu zempilo.

More

Sithanda ukubonga i-American Bible Society ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://traumahealinginstitute.org