Ugxiliswe Ethembeni: Ukufundwa KweTestamente ElishaIsampula
Zindla ngokufunda kwanamuhla usebenzisa lo mbuzo: Ukufa nokuvuka kukaJesu kulubonisa kanjani uthando nokuzibophezela kwakhe kithi?
Ithemba Elingajabhisi
Lapho isintu singenamandla okuzuza insindiso, uJesu wathwala ubunzima besono sethu ukuze sibuyisane noNkulunkulu (5:10). Uthando lukaJesu ngathi lwalulukhulu kangangokuthi wadela ukuphila kwakhe futhi wavuswa ukuze alethe insindiso nethemba. UJesu wayezimisele ukunqoba ukufa ukuze afakazele ukuzibophezela kwakhe kithi. Njengoba sicabanga ngenani uJesu alikhokha ukuze asinikeze ingunaphakade kanye naye, singajabula futhi siziqhayise ethembeni levangeli.
Cabanga ngendaba yakho:
Ngokujwayelekile abantu nezinto zizosidumaza. Kodwa uNkulunkulu uthembisa ukuthi ithemba esilithola kuye ngeke lisidumaze!
- Udumele ngani namuhla?
- Ukuba umnganeikaNkulunkulu kulibuyisela kanjani ithemba ekuphileni kwakho?
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Sivame ukuthembela ezweni elisizungezile—ukukhushulwa esikhundleni, ubuhlobo obungcono, umkhndeni oqinile, nokweluleka kwabagulayo. Kodwa ukuthembela emiphumeleni yasemhlabeni kuphela kuyosehlula. IBhayibheli lithi siyobhekana nokulahlekelwa nokudumala emhlabeni, kodwa sigcinwe othandweni lukaNkulunkulu lwaphakade. Kulolu hlelo, uzofunda ngokunakekela kukaNkulunkulu futhi ubone ukuthi ithemba likamoya lingawaletha kanjani amandla phakathi kwezivunguvungu zempilo.
More