Ugxiliswe Ethembeni: Ukufundwa KweTestamente ElishaIsampula

Anchored in Hope: Readings From the New Testament

USUKU 1 KWEZINGU- 5

Zindla ngokufunda kwanamuhla usebenzisa lo mbuzo: Liyini “ihange” kulesi siqephu? Ucabanga ukuthi kungani inkulumo ethi “ihange lomphefumulo” lisetshenziswa?

Ihange Lethu

Ithemba lethu kuNkulunkulu nesithembiso sakhe sensindiso yaphakade liyasiqinisa futhi liyasibamba lapho ukuphila kunzima futhi kudinisa (6:18). UNkulunkulu uthembise abantwana bakhe ukuthi ubukhona bakhe nothando lwakhe kuyohlala kukhona kokubili kulokhu kuphila nangemva kokufa. Lesi sithembiso asinakunyakaziswa futhi singanikeza ukusekela okungokomoya lapho sizizwa sigajwe ubunzima nokulahlekelwa ekuphileni.

Cabanga ngendaba yakho:

  • UNkulunkulu usinikeze izithembiso zakhe zokusisekela ngisho nasezikhathini ezinzima. Lezi zithembiso zikunikeza kanjani ihange lethemba empilweni yakho nakuba ungase uzizwe uphikiswa izimo ezikuzungezile?

Umfundi ngamunye wethu unendaba eyingqayizivele yokuthi baxhumana kanjani neBhayibheli. Sikumema ukuthi uchofoze isixhumanisi esingezansi, ukuze sifunde okwengeziwe ngawe nabafundi abafana nawe. Ukuhlanganyela kwakho kuzosiza i-American Bible Society ukuthi iqhubeke nokunikeza izinsiza zeBhayibheli zeqophelo eliphezulu kubantu yonke indawo futhi kuzokwazisa ukuthuthukiswa kwemithombo yeBhayibheli emisha.

Qala Inhlolovo

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Anchored in Hope: Readings From the New Testament

Sivame ukuthembela ezweni elisizungezile—ukukhushulwa esikhundleni, ubuhlobo obungcono, umkhndeni oqinile, nokweluleka kwabagulayo. Kodwa ukuthembela emiphumeleni yasemhlabeni kuphela kuyosehlula. IBhayibheli lithi siyobhekana nokulahlekelwa nokudumala emhlabeni, kodwa sigcinwe othandweni lukaNkulunkulu lwaphakade. Kulolu hlelo, uzofunda ngokunakekela kukaNkulunkulu futhi ubone ukuthi ithemba likamoya lingawaletha kanjani amandla phakathi kwezivunguvungu zempilo.

More

Sithanda ukubonga i-American Bible Society ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://traumahealinginstitute.org