Luyini uthando lweqiniso?Isampula

What Is True Love?

USUKU 3 KWEZINGU- 12

Uthando Lweqiniso Alunakwenziwa Umgunyathi

Uthando lweqiniso luwumgogodla wevangeli futhi ivangeli liwukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu. Ivangeli liyisenzo esiphezulu sothando. Kungevangeli kuphela sithola lolu thando lweqiniso. Sinikezwe amandla okwazi uthando lweqiniso, sijabulele uthando lweqiniso, siphile othandweni lweqiniso, futhi sinikeze uthando lweqiniso kuKristu.

Liyini ivangeli?

Ivangeli yizindaba ezinhle zokuthi othile ubeke icala nesijeziso ngenxa yethu ngawo wonke amacala ethu kuNkulunkulu. Iyini inhlawulo yesono? Ukufa, ulaka lukaNkulunkulu, ukuhlushwa kwaphakade kanye nokwehlukaniswa noNkulunkulu esihogweni. uJesu, ukuphela komuntu owayengakhokhela izono zethu, wasukuma, wema endaweni yethu, futhi wathatha KONKE isijeziso esasisifanele. uJesu, ophelele, ongenasono, uNkulunkulu ngokugcwele nomuntu ngokugcwele, wanikela ngokuphila Kwakhe ngenxa yethu. Lowo owayengenasono wathatha KONKE esonweni sethu, nalo lonke usizi lwethu, futhi BONKE UBUBI bethu phezu kwakhe futhi esikhundleni wasinika ubungcwele bakhe, isimo sakhe, kanye NOKULUNGA kwakhe.

Lowo owabeka Impilo yakhe phansi efuna ukuthi wazi lolu hlobo lothando, uluthole, uluzwe, uphile kulo, futhi ulunikeze abanye.

Ingabe ulutholile lolu thando? Uma wazi ukuthi uthole intethelelo kaNkulunkulu futhi uthembele kuKristu nasothandweni Lwakhe, into elandelayo esifuna ukukucela yona manje ukuthi uthandaze lomkhuleko omfushane ngaphambi kokuba uqhubeke: " Nkosi ngicela uvule izindlebe zami ukuzwa iZwi lakho, vula amehlo ami ukuba ngibone neqiniso lakho, futhi uvule inhliziyo yami ukuba ngisabele kukho konke ongibonisa kona. Ngisize ngiqonde futhi ngithole uthando lwakho lweqiniso futhi ngibambe okwengeziwe ngalokho ongenzele khona futhi ngikwazi ukuphila othandweni lwakho lweqiniso. Ameni.”

Uthando lukaNkulunkulu ngawe luwuthando oluphelele. Ukuqonda nokwamukela nokukholwa uthando Lwakhe lweqiniso kubalulekile futhi kuyisisekelo salokho esiyikho, ubuhlobo bethu noKristu, nakho konke esikwenzayo kuzo zonke izingxenye zempilo zethu. Futhi kufanele sihambe othandweni Lwakhe kithi umzuzu nomzuzu.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

What Is True Love?

Wonke umuntu ufuna ukwazi ukuthi uthando luyini. Kodwa bayingcosana abantu abaya ebhayibhelini ukuthola ukuthi lithini ngothando. Uthando lweyizinye zezingqalazinto zezibhalo nezinto ezibalulekile zempilo yomzalwane. Loluhlelo lease Thistlebend Ministries lufundisa ngencazo yebhayibheli mayelana nothando nokumthanda kahulu uNkulunkulu nabanye.

More

Sithanda ukubonga i-Thistlebend ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.thistlebend.org