Luyini uthando lweqiniso?Isampula

What Is True Love?

USUKU 12 KWEZINGU- 12

Isiphetho

Uma ucabanga ngakho konke esikufundile futhi sakutadisha futhi sacabanga ngakho kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule, ingabe inhliziyo yakho ilangazelela ukwazi uthando lweqiniso kanye nokuthanda iNkosi ngeqiniso?! Siyayidinga iNkosi. Nguye kuphela ongasibonisa ukuthi luyini uthando lweqiniso nokuthi singasiyeka kanjani isono esibonakala sinamathela kakhulu. Ukuzishiya nokubulala inyama kuwumsebenzi wokuphila konke. Kusho ukuthi NSUKU ZONKE kumelwe silahle ezethu izindlela futhi ‘sizikhiphe ngokholo. Kudingeka sizilolonge Ukufaka Iqiniso Enhliziyweni Nokulenza Liphile nsuku zonke. Kufanele silahle amanga enyama, kadeveli, kanye nezwe futhi sembathe iqiniso leZwi likaNkulunkulu ngamandla kaMoya oNgcwele. Lapho sifunda ngokwengeziwe ukuyeka ukunethezeka nezindlela zaleli zwe, kulapho siyokwazi khona ukujabulela injabulo nokuba khona kukaKristu, futhi ukulangazelela kwethu uKristu kuyokhula nakakhulu. Siyoguqulwa ngokwenziwa ibeyintsha ingqondo nezinhliziyo zethu. Sizofisa ukushiya izindlela zethu zakudala futhi sinamathele ekunethezweni nasezindleleni zikaKristu futhi sazi intokozo yeqiniso nezinjabulo zeqiniso zothando lweqiniso. Siyozwa uthando Lwakhe ngathi futhi nangathi futhi sigcwalise injongo kaNkulunkulu ngathi njengoba ichazwe ngokucacile kwi-Westminster Catechism: Siyini isiphetho esiyinhloko somuntu? Isiphetho esiyinhloko yomuntu siwukudumisa uNkulunkulu nokujabula Kuye kuze kube phakade.

Masikhuleke, “Ngiyakuthanda Nkosi, ngokuba uyalizwa izwi lami nokunxusa kwami. Uthando lwakho luthululiwe enhliziyweni yami ngoMoya oNgcwele engiwuphiwe. Ngiyabonga, Nkosi.”

Ukufaka Iqiniso Enhliziyweni:
Khetha umBhalo kusukela namuhla ozowufaka enhliziyweni.

UKUZIBULALA:
Yisiphi isono okukhulunywa ngaso empilweni yakho ngomBhalo owubhalile.

Ukubuyisela Iqiniso Ekuphileni:
Yisiphi isono okukhulunywa ngaso empilweni yakho ngomBhalo owubhalele uNkulunkulu

Usuku 11

Mayelana naloluHlelo

What Is True Love?

Wonke umuntu ufuna ukwazi ukuthi uthando luyini. Kodwa bayingcosana abantu abaya ebhayibhelini ukuthola ukuthi lithini ngothando. Uthando lweyizinye zezingqalazinto zezibhalo nezinto ezibalulekile zempilo yomzalwane. Loluhlelo lease Thistlebend Ministries lufundisa ngencazo yebhayibheli mayelana nothando nokumthanda kahulu uNkulunkulu nabanye.

More

Sithanda ukubonga i-Thistlebend ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.thistlebend.org