Luyini uthando lweqiniso?Isampula

What Is True Love?

USUKU 1 KWEZINGU- 12

Ukulangazelela Uthando

Zonke izinhliziyo zethu zilangazelela uthando noma siyakwazi noma singazi. Senziwe ngokoqobo ukuba sithandane. uNkulunkulu uluthando. Uyafisa ukwazi uthando lweqiniso lukaNkulunkulu? Khona-ke uyafisa ukumthanda ngokweqiniso ngayo yonke inhliziyo yakho, umphefumulo, ingqondo, namandla?

Kodwa luyini uthando lweqiniso? Lona kanye igama linezincazelo eziningi. Singasho ngomoya owodwa, "Ngithanda ikhofi. Ngiyamthanda umlingani wami. Ngiyamthanda uJesu." Singazi kanjani ukuthi luyini ngempela uthando lweqiniso? Lubukeka kanjani? luzwakala kanjani? Ingabe kubalulekile?

Uthando lweqiniso lungaphezu kwemizwa, umuzwa, umgomo, noma imfundiso. Uthando lweqiniso luyisifiso sangempela senhlalakahle yomunye. Uthando lweqiniso oluletha inkazimulo kuNkulunkulu yiyo kanye injongo yokuphila nokuba khona kwebandla.

Abanye bathi ukuthunywa kuwumgomo oyinhloko webandla: “Umsebenzi omkhulu weBandla ukushumayela ivangeli emhlabeni. Umsebenzi webandla imishini” (Oswald J. Smith).

Abanye bazothi ukukhonza: “Imishini ayiwona umgomo wokugcina webandla. Ukukhonza kuyiwo. Imishini ikhona ngoba ukukhonza akukho. Ukukhonza kungokokugcina, hhayi imishini, ngoba uNkulunkulu ungowokugcina, hhayi umuntu. Lapho lesi sikhathi sesiphelile, futhi izigidi ezingenakubalwa zabahlengiwe ziwa ngobuso phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, ukuthunywa ngeke kusaba khona. Kuyisidingo sesikhashana. Kodwa ukukhonza kuhlala phakade” ( uJohane Piper).

uNkulunkulu uyala abantu Bakhe ukuthi bamthande ngenhliziyo, umphefumulo, namandla. uJesu uyakuphinda lokhu, esitshela ukuthi umyalo wokuqala nomkhulu owokuqala owokuba sithande iNkosi uNkulunkulu wethu ngayo yonke inhliziyo yethu, ngomphefumulo wethu wonke, ngengqondo yethu yonke, nangamandla ethu onke. Usitshela ukuthi bonke abantu bayokwazi ukuthi singabafundi Bakhe ngokuthandana kwethu. Khona-ke uPawulu uchaza encwadini yakhe eya kwabaseKorinte ukuthi ukholo, ithemba, nothando konke kuyizici ezihlala njalo, kodwa okukhulu kulokhu kokuthathu uthando.

Izinkonzo nendumiso kuyimpumela yothando lweqiniso.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

What Is True Love?

Wonke umuntu ufuna ukwazi ukuthi uthando luyini. Kodwa bayingcosana abantu abaya ebhayibhelini ukuthola ukuthi lithini ngothando. Uthando lweyizinye zezingqalazinto zezibhalo nezinto ezibalulekile zempilo yomzalwane. Loluhlelo lease Thistlebend Ministries lufundisa ngencazo yebhayibheli mayelana nothando nokumthanda kahulu uNkulunkulu nabanye.

More

Sithanda ukubonga i-Thistlebend ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.thistlebend.org