Luyini uthando lweqiniso?Isampula
Uthando Lweqiniso, Umgomo Wethu
Uma uthando lweqiniso luwumgomo omkhulu ngempela, asifuni yini ukwazi ukuthi lubukeka kanjani nokuthi singafinyelela kanjani kulo? Umbuzo ungase ufike ezingqondweni zethu, Ingabe singalwazi uthando lweqiniso?
Uma uNkulunkulu eluthando,
futhi uNkulunkulu usiyala ukuba simthande,
futhi uNkulunkulu ngomusa uthulule uthando lwakhe ezinhliziyweni zethu ngoKristu ekusindisweni kwethu,
khona-ke singaphetha ngokuthi impendulo inguyebo—uYEBO ophawulekayo!
Sinikezwe amandla okwazi uthando lweqiniso, ukujabulela uthando lweqiniso, ukuphila othandweni lweqiniso, nokunikeza uthando lweqiniso. Uma uNkulunkulu uqobo eluthando, akasona nje isibonelo sethu nendinganiso yothando, kodwa Yena uqobo ungumthombo wethu futhi.
Kodwa ingabe zikhona izithiyo ezingase zisimise endleleni yethu?
Ukungakholwa? Ubuhlungu? Ukukhaphela? Ukungathembani? Ukunganaki? Umsebenzi? Ekhaya? Ukuduma? Ukwesaba? Ukungafaneleki? Ukwehluleka? Cabanga ngalokhu namuhla ngenkathi usemsebenzini, usekhaya, ushayela . . . bese uya eNkosini ngomthandazo futhi wabelane ngalokho okutholile. Uma ungezwa sengathi kukhona okumile endleleni yakho, kodwa unomuzwa wokuthi awusondele ngendlela ofisa ukusondela ngayo, yabelana ngalokho neNkosi.
Mayelana naloluHlelo
Wonke umuntu ufuna ukwazi ukuthi uthando luyini. Kodwa bayingcosana abantu abaya ebhayibhelini ukuthola ukuthi lithini ngothando. Uthando lweyizinye zezingqalazinto zezibhalo nezinto ezibalulekile zempilo yomzalwane. Loluhlelo lease Thistlebend Ministries lufundisa ngencazo yebhayibheli mayelana nothando nokumthanda kahulu uNkulunkulu nabanye.
More