Luyini uthando lweqiniso?Isampula

What Is True Love?

USUKU 10 KWEZINGU- 12

Isifiso Sethu Kuphela Uthando Lweqiniso.

Uma isifiso sethu esisodwa kuwukuthanda uKristu ngokugcwele, kufanele sibambelele ohlangothini Lwakhe futhi simlandele ngokugcwele. Ukuze simlandele ngokugcwele, kufanele sithathe isiphambano sethu futhi silahlekelwe ukuphila kwethu ukuze siphile eyakhe. Kufanele sife kithina, ezindleleni zethu, esikufunayo, ekuphakanyisweni kwethu. Kulokhu kufa, ukufa kokuzithanda, lapho uthando lukaKristu luphila kithi. Kufanele sibheke kuYe—kungabi omunye umuntu, hhayi okunye—ngokuthula, ukwamukelwa, ukuvunyelwa, ukuqondiswa, kanye nokufaneleka. Kufanele sithole yonke intokozo yethu Kuye. Kumelee abe umvuzo wethu omkhulu. Kumele siphumule ngokugcwele phezu kwenzuzo esithembele kuyo. Kufanele siphumule eNkosini hhayi ekulungeni kwethu. Akufanele sizithembe. Eqinisweni uma sizishiya ngemuva kulapho siyohlangana khona noKristu ngokugcwele.

Ukuzishiya akuyona into encane, nokho. Kusho ukuthi kufanele sishiye izindlela zethu, ukuqonda, esikufunayo, intando, ukwesaba, ukungazethembi, izinkinga, ukukhathazeka, okufanele sibe nakho, njalonjalo. Lapho sishiya ukunethezeka nezindlela zaleli zwe, yilapho siyokwazi khona ukusondela ekubambeleleni nasekunethezekeni nasezindleleni zikaKristu. Lapho sithokoza kakhulu kuKristu, siyozimisela nakakhulu ukumkhonza futhi simhluphekele, futhi ingozi yokususwa kude naye iyoba ncane. Ukuthokoza kukaJehova kungamandla ethu.

Uma sifuna ukugcwaliswa nguye nothando lwakhe, kufanele sihambe ngezinhliziyo zethu ezinamathele kuye usuku lonke, kungakhathaliseki ukuthi isiphepho sinzima noma sikhulu kangakanani isiphazamiso noma siqine kangakanani isilingo esiza kithi.

Kusasa sizobona ukuthi lokhu kubukeka kanjani ngokoqobo, usuku nosuku.

Ukwamumeka Iqiniso Enhliziyweni: Khetha umBhalo okufanele uwufake enhliziyweni ukuze uvuselele ingqondo yakho futhi uguqule inhliziyo yakho.

Ukubulala intando yakho: Yisiphi isono okukhulunywa ngaso empilweni yakho ngomBhalo owubhalile? uPawulu usitshela ngokuqondile ukuthi sikhumule ubuntu obudala.

Ukuletha Iqiniso Ekuphileni: Yembatha ubuntu obusha—uKristu. Yiziphi izinguquko eziqondile okudingeka uzenze ekucabangeni kwakho noma esimweni sengqondo noma ekuziphatheni kwakho ukuze uzithobe Kuye futhi usebenzise iqiniso Lakhe engqondweni nasenhliziyweni yakho?

Usuku 9Usuku 11

Mayelana naloluHlelo

What Is True Love?

Wonke umuntu ufuna ukwazi ukuthi uthando luyini. Kodwa bayingcosana abantu abaya ebhayibhelini ukuthola ukuthi lithini ngothando. Uthando lweyizinye zezingqalazinto zezibhalo nezinto ezibalulekile zempilo yomzalwane. Loluhlelo lease Thistlebend Ministries lufundisa ngencazo yebhayibheli mayelana nothando nokumthanda kahulu uNkulunkulu nabanye.

More

Sithanda ukubonga i-Thistlebend ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.thistlebend.org