Ukukhuculula UmphefumuloIsampula

Soul Detox

USUKU 22 KWEZINGU- 35

Izimpilo zethu zigcwele ubuthi bamasiko, okuyi lezozinto ezamukelekayo ngokwesiko, kodwa ezilimaza imiphefumulo yethu. Ubuthi bamasiko zingatholakala ezincwadini esizifundayo, o-magazini esiwafundayo, umculo esiwulalelayo, imibukiso yethelevishini esiyibukeleyo, nakumafilimu esiwabukayo. Uma sivumela ubuthi bamasiko ezimpilweni zethu, ziyasingcolisa. Kuleliviki uzofunda ukuthi iZwi likaNkulunkulu lithini mayelana nezingozi zobuthi bamasiko nokubaluleka kokugxila ezintweni ezisisondeza eduze kuNkulunkulu.

Yibuphi obunye ubuthi bamasiko onabo empilweni yakho njengamanje? Uzibone zingcolisa impilo yakho kanjani?
Usuku 21Usuku 23

Mayelana naloluHlelo

Soul Detox

Asiwona umzimba onomphefumulo. Singumphefumulo onomzimba. Ngenkathi izwe lifundisa kahle ukuthi sikhuculule imizimba yethu, ngezinye izikhathi kudingeka sikhuculule umphefumulo wethu. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-35 luzokusiza ukuba ubone ukuthi yini exhoza emphefumulweni wakho, futhi yini evimbe endleleni yakho yokuba ngumuntu uNkulunkulu akudalele ukuba ube nguye. Uzofunda eZwini likaNkulunkulu ukuthi ungayinqanda kanjani lemithelela elimazayo futhi wamukele impilo ehlanzekile yomphefumulo wakho.

More

Sithanda ukubonga uPastor Craig Groeschel ne-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church.tv