Ukhisimusi Wezingane: Izinsuku Ezingu-12 ZokuthulaIsampula

Christmas for Kids: 12 Days of Peace

USUKU 8 KWEZINGU- 12

Imanuweli: UNkulunkulu Wokuthula Unathi

Ngu Sabrina

INDABA
Nginokuningi okujabulisayo izinkumbulo zokuthi ubusuku bukaKhisimusi babunjani ngiseyingane. Intokozo yethu enkulu kwakungekona ukuthola izipho zikaKhisimusi, kodwa ukuzama ukuthola ukuthi sizozithola kanjani izipho. Ngikhumbula ngomunye unyaka, ubaba wabeka zonke izipho phezu kophahla futhi lapho eyozilanda, qagela ukuthi kwenzekani? Yebo, wawa ophahleni! Ngomunye unyaka, washiya izipho ngasechibini futhi lapho eyolanda izipho, kwenzekani? Yebo, wawela emanzini! 

Iziphi izinkumbulo zikaKhisimusi eziyizintandokazi zakho?

UMBHALO
Funda NgokukaMathewu 1:18–24.

CABANGA
Wawu, indaba kaKhisimusi lena, ukuzalwa kukaJesu! UMathewu usitshela ngoKhisimusi wokuqala kaJesu, indlela uNkulunkulu anakekela ngayo uJosefa noMariya, ngisho nokuthi laliyoba ngubani igama laKhe. Ingabe akukholakali lokhu? Futhi ngisho nanamuhla, ngemva kweminyaka engaphezu kuka-2 000, kanye ngonyaka singama, sicabange, sikhumbule, futhi sixoxe kabusha indaba kaKhisimusi.

Zicabange ubuza uJesu ukuthi uyini uKhisimusi. Cishe ubengakuphendula ngokuthi uKhisimusi usegameni Lakhe: UNkulunkulu ukhona, uNkulunkulu unathi! Yebo, lapho uJesu ezalwa, uNkulunkulu wayekhona phakathi kwethu. Weza ukuzohlala nathi lapha emhlabeni futhi asisindise ezonweni zethu ukuze ahlale ezinhliziyweni zethu futhi sihlale naye ezulwini! 

Ngiyalithanda kakhulu iculo elithi "uNkulunkulu akakude esibhakabhakeni unendaba nami, kodwa useduze kwami ​​ngoba mihla namalanga; ngimuzwa enginakekela yingakho ngiba nokuthula.." Uphakathi kwethu, Uzele ukuzoletha ukuthula emhlabeni! Yileyo ncazelo kaKhisimusi.

YENZA OKUTHILE
Zicabange uba nomhlangano okhethekile noJesu namuhla. Thatha amanothi alokho ofuna ukukusho kuYe. Thandaza futhi umtshele konke okubhalile. Unawe namuhla, khona manje!

THANDAZA
Ngiyabonga Jesu ngokuba lapha nokunginakekela kanye nomndeni wami. Siyabonga ngoKhisimusi futhi siyabonga ngokusilethela ukuthula! Ameni.

Usuku 7Usuku 9

Mayelana naloluHlelo

Christmas for Kids: 12 Days of Peace

Kulolu hlelo lwezinsuku eziyi-12 lwezingane, uzothola konke mayelana nesipho sokuthula esitholakala ngoJesu nokuthi singaba kanjani nalokho kuthula ezinhliziyweni zethu nsuku zonke!

More

Sithanda ukubonga iCalvary Chapel Ft. Lauderdale ngokusinikeza lolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele: http://CalvaryFTL.org/Bible-Plans