Ukhisimusi Wezingane: Izinsuku Ezingu-12 ZokuthulaIsampula

Christmas for Kids: 12 Days of Peace

USUKU 12 KWEZINGU- 12

Yena Uqobo Ungukuthula Kwethu

Ngu-Sabrina

INDABA
Inyanga ngaphambi kukaKhisimusi, umama wami waqoqa abafowethu kanye nami ukuze sihlele ngobusuku obandulela uKhisimusi. Abazali bami babehlale bethanda ukuba nabangani, ngakho indlu yami yayihlale igcwele. Njalo ngonyaka, abazali bami basivumela ukuba simeme umndeni ozodla nathi isidlo sakusihlwa ngobusuku bangaphambi kukaKhisimusi. Ngikhumbula ngomunye unyaka izingane zakwethu zazifuna ukumema umndeni owawunendodakazi engeyena nhlobo umngani wami. Wayengcono kunami kwezemidlalo, ethola amamaki angcono, enabangani abaningi kunami, akazange angimeme emicimbini yakhe yokuzalwa . . . nakanjani ubengeyenaumngani wami. Okwangempela. Kodwa kwadingeka ngamukele futhi ngichithe amahora ambalwa ngobusuku obandulela uKhisimusi ngikanye naye. Phela kwakungukhisimusi wonke umuntu ejabule. Qagela? Bekungolunye usuku olwandulela uKhisimuzi olungcono kakhulu engake ngathola umngane omusha omkhulu!

UMBHALO
Funda kwabase-Efesu 2.

CABANGA
Kwabase-Efesu 2, uPawulu uthi ngoJesu, singaba abangane bakaNkulunkulu hhayi izitha. Kungani? Isono esisenzayo, sisenza izitha zikaNkulunkulu. Ngenxa yamaphutha ethu, asikwazi ukuza phambi kukaNkulunkulu ophelele. Ngenxa yezono zethu, sifanelwe ubulungiswa bukaNkulunkulu; sinecala. Kodwa uNkulunkulu usithanda kakhulu, uthokoza ngokuthethelela. 

UNkulunkulu uyasithanda futhi wathumela iNdodana yakhe uJesu ukuthi izofela esiphambanweni ngenxa yalabo ababekhishwe eMbusweni: wena, mina, umngani wakho, isitha sami, sonke. Nakuba sihlukanisiwe noNkulunkulu ngenxa yezono zethu, uJesu usibuyisela kuYe futhi manje singaphila ngokuthula noNkulunkulu, nabanye, kanye nathi ngokwethu! Noma ubani onquma ukulandela uJesu ungumngane kaNkulunkulu futhi ungumntwana kaNkulunkulu futhi angathola amandla nokuthula kukaNkulunkulu ekuphileni kwakhe. KuJesu Kristu, azikho izitha. 

YENZA OKUTHILE
Namuhla, cabanga ngempilo yakho. Ingabe ungcono kunabanye? Ingabe ungumngane noma isitha sikaNkulunkulu? Uma ufuna ukuba umngane kaNkulunkulu kuze kube phakade futhi uzwe amandla kaNkulunkulu ekuphileni kwakho, cela abazali bakho bathandaze kanye nawe ukuze umeme uJesu enhliziyweni yakho. 

THANDAZA
Nkulunkulu othandekayo, siyabonga kakhulu ngokusibuyisela Kuwe. Ngiyabonga ngokungifela esiphambanweni ngenxa yezono zami ukuze ngibe umngani wakho kuze kube phakade. Ameni.

 

Sithemba ukuthi ulujabulele lolu hambo lwezinsuku ezingu-12 nathi. Ukhisimusi omuhle!

Usuku 11

Mayelana naloluHlelo

Christmas for Kids: 12 Days of Peace

Kulolu hlelo lwezinsuku eziyi-12 lwezingane, uzothola konke mayelana nesipho sokuthula esitholakala ngoJesu nokuthi singaba kanjani nalokho kuthula ezinhliziyweni zethu nsuku zonke!

More

Sithanda ukubonga iCalvary Chapel Ft. Lauderdale ngokusinikeza lolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele: http://CalvaryFTL.org/Bible-Plans