Ukhisimusi Wezingane: Izinsuku Ezingu-12 ZokuthulaIsampula

Christmas for Kids: 12 Days of Peace

USUKU 10 KWEZINGU- 12

Udumo LweZulu, Ukuthula Emhlabeni

Ngu-Janice

INDABA
Uma othile engitshela ukuthi bahlele ukungimangaza, angikwazi ukukubekezelela! Angikwazi ukulinda baze bangitshele izindaba ezinhle! Uma bengitshela ukuthi bazongitshela isimanga ekuseni, njengangosuku olwandulela uKhisimuzi, angikwazi ukulala ngoba NGIJABULA KAKHULU! Ezinye zezimanga ezinhle kakhulu ezake zaba zenzeka ukuthi, "Pakishani amapotimende akho, sizothatha uhambo! Siya ezintabeni lapho kuneqhwa! Sizoshushuluza eqhweni!" Ngake ngamangala ngohambo oluya eDisney World! NGITHANDA izimanga futhi NGIYAKUTHANDA ukuzwa IZINDABA EZINHLE!

UMBHALO
Funda NgokukaLuka 2:8–15.

CABANGA
Zicabange uhamba nenja yakho epaki ngobusuku obunokuthula, obucwathile futhi kungazelele kuvela ibandla lezingelosi zivela ezulwini phambi kwakho futhi ziqala ukucula nokudumisa uNkulunkulu! Hewu! Indaba izingelosi ezazabela abelusi ingeyethu, nathi! UNkulunkulu usimema ukuba size futhi sihlangane neNdodana Yakhe uJesu. Ingelosi yatshela abelusi ukuthi uJesu unguMsindisi wabo bonke abantu. Isimemo siwukuba size kuJesu ngoba kungoJesu lapho singamazi khona uNkulunkulu! UNkulunkulu wathumela uJesu emhlabeni ukuze athathele izono zethu futhi abhekane nesijeziso esisifanele thina. Lezi yizindaba ezinhle kunazo zonke!

YENZA OKUTHILE
Yabelana ngalezi zindaba ezinhle nomuntu omaziyo: ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu nokuthi uKhisimusi uwumkhosi wokuzalwa Kwakhe! 

THANDAZA
Nkulunkulu othandekayo, siyabonga ngokuthumela iNdodana yakho uJesu kithi ukuba ibe nguMsindisi wethu. Sisize sabelane nabanye ngalesi simemo esibaziyo abadinga ukukwazi!

Usuku 9Usuku 11

Mayelana naloluHlelo

Christmas for Kids: 12 Days of Peace

Kulolu hlelo lwezinsuku eziyi-12 lwezingane, uzothola konke mayelana nesipho sokuthula esitholakala ngoJesu nokuthi singaba kanjani nalokho kuthula ezinhliziyweni zethu nsuku zonke!

More

Sithanda ukubonga iCalvary Chapel Ft. Lauderdale ngokusinikeza lolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele: http://CalvaryFTL.org/Bible-Plans