Ukhisimusi Wezingane: Izinsuku Ezingu-12 ZokuthulaIsampula

Christmas for Kids: 12 Days of Peace

USUKU 1 KWEZINGU- 12

Uhlelo LukaNkulunkulu Lokuthula

Ngu-Nick W.

INDABA
Ngiqala ngqa ukubhaka Amakhekhe kaKhisimusi, kwabukeka sengathi kuqhume ibhomu. Ufulawa wawugcwele-yonke indawo. Uma uke wabhaka amabhisikidi noma amakhekhe, uyazi ukuthi kuze kube yilapho ephuma kuhhavini, ngokuvamile awabukeki ekhanga kakhulu. Uxuba inqwaba yempushana emhlophe namaqanda aluhlaza futhi mhlawumbe uphonsa ushokoledi phakathi. . . kumnandi. Kodwa uma uyikhipha kuhhavini, inuka njengezulu futhi ibukeka kahle!

UMBHALO
Funda UGenesise 22.

CABANGA
Hawu! Kungani uNkulunkulu ayengacela u-Abrahama ukuba abulale indodana yakhe njengomhlatshelo? Kuwumsangano lokho! Kodwa u-Abrahama wayazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu olungileyo, onothando owayengeke amenze enze lokho. Wayenokholo lokuthi yena nendodana yakhe bazobuya behle entabeni. Futhi kwaba njalo! Futhi njengoba u-Abrahama esho, uNkulunkulu wanikeza iwundlu lomhlatshelo. 

Ukhona omunye umuntu omaziyo eBhayibhelini owanikela ngeNdodana yakhe njengomhlatshelo? uNkulunkulu! Indaba ka-Abrahama no-Isaka isenza sicabange ngoJesu njengeNdodana eyafela izono zethu. Kuhloswe ukusikhomba kuJesu ngesikhathi uNkulunkulu eveza icebo lakhe lokuthula ezinkulungwaneni zeminyaka ngaphambi kokuzalwa kukaJesu!

Uma sifunda ibhayibheli sibona yonke inhlobo yento edidayo! Ezimpilweni zethu namuhla, ngezinye izikhathi izinto aziwenzi umqondo. Siyakhathazeka, siyakhala, siyasaba, noma siyagula, noma sididekile. 

Nokho, uNkulunkulu usibonisa eBhayibhelini ukuthi wayenesu eliphelele lokuthula, ngisho nalapho yonke into yayibonakala ingenakuthula. Kufana nokuthi uma amakhekhe ebukeka kabi aze aphume kuhhavini. UNkulunkulu wayenesu lokuthumela iNdodana yakhe, uJesu, ukuba izofela izinto esene ngazo ukuze singafi. Mina nawe singathethelelwa nguNkulunkulu, ngoba uJesu wakhokha inani lezindleko zesono sethu: ukufa. Ukuphila noNkulunkulu ukuthula, futhi singaba nakho lokho ngoJesu!

YENZA OKUTHILE
Namuhla, bhala phansi into eyodwa oyenzile ebingalungile noma ongayenzanga evikini elidlule. Ngemva kwalokho, thandaza nomama wakho noma noyihlo futhi ubonge uNkulunkulu ngokuthi ukunikeze ukuthula ngenxa kaJesu.

THANDAZA
Nkulunkulu othandekayo, ngiyabonga ngokuthula okulethe ngoJesu. Ngiyabonga ukuthi noma ngonile uyangixolela futhi uletha ukuthula emhlabeni. Ameni.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Christmas for Kids: 12 Days of Peace

Kulolu hlelo lwezinsuku eziyi-12 lwezingane, uzothola konke mayelana nesipho sokuthula esitholakala ngoJesu nokuthi singaba kanjani nalokho kuthula ezinhliziyweni zethu nsuku zonke!

More

Sithanda ukubonga iCalvary Chapel Ft. Lauderdale ngokusinikeza lolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele: http://CalvaryFTL.org/Bible-Plans