Ukhisimusi Wezingane: Izinsuku Ezingu-12 ZokuthulaIsampula
Indlu Yokuthula
Ngu-Nick K.
INDABA
Uke waqaphela ukuthi uzizwa ngokuhlukile uma usekhaya kunoma iyiphi enye indawo? Ikhaya kufanele lizwakale liphephile kunakwenye indawo. Lapho kubanda, ikhaya kufanele lifudumale. Uma ulambile, ukudla kufanele kubekhona ekhaya. Lapho kunenkinga ngaphandle, ikhaya kufanele libe yindawo lapho ungabalekela khona. . . ngaphandle uma ikhaya liphukile.
Sonke siyazi ukuthi kubanjani uma izinto zingezinhle ekhaya. Kodwa noma ngabe izinto zingahambi kahle, sisenesithembiso sokuthi ikhaya kufanele libe yini.
UMBHALO
Funda 2 USamuweli 7:11–14.
CABANGA
Yebo, lona umBhalo othokozisayo uma kuziwa ekuthuleni! Ngakolunye uhlangothi, kuzwakala kumangalisa. UNkulunkulu uthembisa uDavide uhlu lozalo oluzakuba ibusiso sikaNkulunkulu kuze kube phakade. Ungalibona ngeso lengqondo izwe elinokuthula kwawo wonke umuntu? Kuzwakala kukuhle!
Ingabe uyifundile ingxenye yokugcina? Uma nje inkosi ilandela uNkulunkulu, izinto zizolunga; kodwa uma enqaba indlela kaNkulunkulu usekujezisweni okuthile. ISIXWAYISO SOMBHALI: Indodana kaDavide yehluleka ukulandela uNkulunkulu ngendlela okwakufanele imlandele ngayo, futhi uhlu lukaDavide lwabonakala lushabalala.
Ingabe lokho kusho ukuthi isithembiso sikaNkulunkulu sokumisa umbuso wokuthula phakade sesiphelile? Cha! Kuyavela ukuthi lesi sithembiso asikho nje ngendodana kaDavide (uSolomoni) kodwa ngeNdodana eyayizofika emakhulwini eminyaka kamuva. UJesu uyiNkosi ohlwini lozalo lukaDavide futhi iNdodana kaNkulunkulu. Lapho amazwe namakhosi ehluleka khona, uJesu uletha ukuthula kweqiniso nokwaphakade esikulindele.
Uyakhumbula ukuthi ngitheni ngekhaya? Sonke sifuna ukuthi ikhaya lizwakale kanjani uma lilihle. Lokho ukuthula. Umndeni kaDavide ngeke ukwazi ukuba nalokho kuthula okuphelele ngesikhathi sawo, njengoba nje nemizi yethu ingeke ihlale imihle.. Kodwa ubeke lowomqondo wokuthula nekhaya ezinhliziyweni zethu ngoba ngolunye usuku uJesu uyosifeza leso sithembiso uNkulunkulu asenza kudala.
YENZA OKUTHILE
Ungaba yilokho kuthula kothile namuhla! Phumela ngaphandle nomunye womndeni wakho nidlale, bese ningena nifunde okuthile ndawonye.
THANDAZA
Nkulunkulu othandekayo, ngiyabonga ngokuthula owakuletha ngoJesu. Ngisize ngenze abanye bekuzwe ukuthula ongiphe kona. Ngisize ngenze abanye bazizwe besekhaya! Ameni.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Kulolu hlelo lwezinsuku eziyi-12 lwezingane, uzothola konke mayelana nesipho sokuthula esitholakala ngoJesu nokuthi singaba kanjani nalokho kuthula ezinhliziyweni zethu nsuku zonke!
More