Ukhisimusi Wezingane: Izinsuku Ezingu-12 ZokuthulaIsampula

Christmas for Kids: 12 Days of Peace

USUKU 7 KWEZINGU- 12

Ukuthula: Ikhambi Lokwesaba

Ngu-Nick K.

INDABA
Ngesinye isikhathi, mina nomndeni wami sasibukele amabhubesi esiqiwini. Enye yezingane eqenjini lethu yayigijima iya le nale phambi kwehhoko lamabhubesi, okwakungenye yalelo thango ulude ngempela oluncike phezulu ukuze kuvinjelwe amabhubesi ukuba angagxumi phezu kwazo.

Kwathi lapho izingane igijima, elinye lamabhubesi lamlandela. Ekuqaleni, kwakuhlekisa ukubuka leli bhubesi elikhulu lilandela le ngane emuva naphambili, kodwa njengoba ingane iqhubeka nokugijima ngaqala ukuzizwa ngingakhululekile. Lokho kwakungenxa yokuthi ibhubesi liyisidalwa esikhulu ngokumangalisayo nesiyingozi. Ukubukeka emehlweni ebhubesi kwangibonisa ukuthi kuhluke kanjani ukufunda ngento enamandla kangaka nokuba nayo phambi kwakho, nokuthi ingashintsha kanjani indlela obona ngayo umhlaba.

UMBHALO
Funda NgokukaLuka 1:28–30.

CABANGA
Kungani uMariya wayesaba kangaka? Izingelosi namabhubesi kokubili kunamandla, kodwa kusenza sizizwe sesaba ngezindlela ezihluke kakhulu. IBhayibheli ligcwele izindaba zabantu abahlangana nezingelosi futhi bebona zonke izinhlobo zezidalwa zomoya. Ezikhathini eziningi, bazama ukukhuleka noma ukuwa phansi ngenxa yokwesaba. 

Ngisho nasezimeni lapho uNkulunkulu uqobo Lwakhe ebonakala (embozwe ngamafu noma umlilo), kungabukeka futhi kuzwakale kuthusa ngempela. Lapho uNkulunkulu ekhulula abantu bakwa-Israyeli eGibhithe, wazibonakalisa ngaleyo ndlela. Abantu besaba kakhulu baze bancenga uMose ukuba abakhulumele kuNkulunkulu.

Izindaba ezinhle kithi ukuthi njengoba ingelosi yathi kuMariya, sithole umusa kaNkulunkulu, uthando Lwakhe, isihe saKhe. Ngenxa kaJesu, siyakwazi ukuma ebukhoneni bukaNkulunkulu futhi simbone njengoba enjalo! Singaba nokuthula ebukhoneni bakhe.

YENZA OKUTHILE
UNkulunkulu useduze nawe noma ungamuzwa. Zinike isikhathi manje uhlale futhi uthandaze uthule. 

THANDAZA
Nkulunkulu othandekayo, ngiyabonga ngokuthula owakuletha ngoJesu. Ngingaba naWe ngaphandle kokwesaba ngoba ngingowaKhe. Ngisize ngikhumbule ukuthi Uhlezi useduze nami. Ameni.

Usuku 6Usuku 8

Mayelana naloluHlelo

Christmas for Kids: 12 Days of Peace

Kulolu hlelo lwezinsuku eziyi-12 lwezingane, uzothola konke mayelana nesipho sokuthula esitholakala ngoJesu nokuthi singaba kanjani nalokho kuthula ezinhliziyweni zethu nsuku zonke!

More

Sithanda ukubonga iCalvary Chapel Ft. Lauderdale ngokusinikeza lolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele: http://CalvaryFTL.org/Bible-Plans