Owesifazane Ozithembayo NgokuzinikelaIsampula

The Confident Woman Devotional

USUKU 1 KWEZINGU- 14

Kholelwa Ngenani Lakho

Thatha umzuzu ubheke enhliziyweni yakho. Uzizwa kanjani ngawe? Uma impendulo yakho ingavumelani neZwi likaNkulunkulu, ngiyakukhuthaza ukuba uqale namuhla ukuvuselela ingqondo yakho ngawe.

Zibone ngendlela uNkulunkulu akubona ngayo. Tadisha iZwi likaNkulunkulu futhi uzothola ukuthi uyigugu, wadalwa ngesandla sikaNkulunkulu esibelethweni sikanyoko. Awuyona ingozi. Ngisho noma abazali bakho bekutshele ukuthi abakaze bakufune ngempela, ngingakuqinisekisa ukuthi uNkulunkulu ubekufuna. Uyigugu, ubalulekile, unesiphiwo, unekhono, futhi unenjongo kulomhlaba.

Akumele nje sicele izinto uNkulunkulu asithembise zona kodwa kufanele sizamukele (bona NgokukaJohane 16:24). Uma uzizwa ungafaneleki, cishe ngeke ucele, futhi noma wenza kanjalo, ngeke wamukele ngokukholwa. Ungabe usavumela imizwa ikubuse. Thatha isinyathelo sokholo futhi uqale ukuthuthukisa izinga lakho lempilo namuhla. Kholwa ukuthi wenza izinqumo ezinhle, ukuthi ungumuntu obalulekile onekusasa elihle, futhi kukhona okuhle okuzokwenzeka kuwe namuhla!

Khuleka: Nkosi, ngiyakucela ukuba ugxilise uthando lwakho ekujuleni kwenhliziyo yami. Ngikholwa ukuthi unekusasa elihle ngami nokuthi ngingakwazi ukuhamba enjongweni Yakho ngempilo yami. Ameni.

Kusukela encwadini ethi Owesifazane Ozithembayo Ngokuzinikela kaJoyce Meyer. Ilungelo lobunikazi ku-2011 ngoJoyce Meyer. Ishicilelwe yi-FaithWords. Wonke Amalungelo Agodliwe.
Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

The Confident Woman Devotional

Abesifazane bayisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu asinika umhlaba. Uyadala, unesihawu, uhlakaniphile, futhi, ngokweBhayibheli, ulingana namadoda. Kodwa iminyaka yokuhlukunyezwa nemibono engalungile ngabesifazane iye yabangela abaningi benu ukuba balahlekelwe ukuzethemba uNkulunkulu afuna ukuba nikujabulele. Ungase ube nomuzwa wokuthi ngandlela-thile "ungaphansi" kunamadoda. Awubalulekile kangako. Ufaneleka kancane. Iqiniso liwukuthi, uyigugu kakhulu emphakathini, kodwa okubaluleke nakakhulu kuNkulunkulu. Unkulunkulu ufuna ube nesibindi, uhlonishwe, waziswe, ukhushulwe esikhundleni, ufunelwe, futhi ngaphezu kwakho konke, uthandwe. Futhi kungaba kanjalo! Lokhu kuzinikela kwansuku zonke kuzokuholela empilweni yokuzethemba egcwele uthando, ukuhleka kanye nokwamukela Kwakhe. Bhala kuyo. Yigqamise. Yenza uhambo lube olwakho.

More

We would like to thank Joyce Meyer Ministries for providing this plan. For more information, please visit: www.joycemeyer.org