Owesifazane Ozithembayo NgokuzinikelaIsampula

The Confident Woman Devotional

USUKU 5 KWEZINGU- 14

Uyini Umehluko?

Ibhayibheli lisikhuthaza ukuba sifune ukuqonda. Funda izincwadi ezimbalwa ezinhle ezikhuluma ngomehluko phakathi kwabesilisa nabesifazane kanye neyokuhlukana kobuntu. Uma wenza kanjalo, kungase kuvimbele izinkulungwane zezingxabano noma ukungezwani.

Abesifazane banikeza iseluleko esingacelwanga futhi banikeze isiqondiso, futhi amadoda ngokuvamile awasitholi iseluleko kahle. Owesifazane ucabanga ukuthi uzama ukusiza, kodwa indoda icabanga ukuthi ayithembi ukuthi izothatha isinqumo esifanele.

Uma owesifazane engavumelani nendoda, ukubheka njengokungavumelani, futhi kumvusela ukuzivikela. Amadoda afuna iseluleko kuphela ngemva kokuba enze konke angakwenza. Iseluleko esinikezwa ngokushesha noma ngokujwayelekile simenza aphelelwe amandla. Angase abe yivila noma angazethembi.

Amadoda ayakhuthazeka futhi anikezwe amandla lapho ezizwa edingeka. Abesifazane bayakhuthazeka lapho bezizwa bethandwa.

Amadoda ayizidalwa ezibukelayo; uma isithombe sesisemakhanda abo, kuba nzima ukusikhipha. Abesifazane bathambekele kakhulu ekukhumbuleni imizwelo noma indlela okuthile okubenze bazizwa ngayo.

Funa ukuqonda kuqala, bese ukhuluma.

Khuleka: Nkosi, ngifuna ukuba ngowesifazane ohlakaniphile noqondayo. Ngisize ngiqonde ukuthi kungani amadoda enje nokuthi ngingathuthuka kanjani ekukhulumeni kwami nobungani. Amei.

Kusukela encwadini ethi Owesifazana Ozethembayo Ozinikeleyo kaJoyce Meyer. Ilungelo lobunikazi lango-2011 ngoJoyce Meyer. Ishicilelwe yi-FaithWords. Wonke Amalungelo Agodliwe.

UmBhalo

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

The Confident Woman Devotional

Abesifazane bayisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu asinika umhlaba. Uyadala, unesihawu, uhlakaniphile, futhi, ngokweBhayibheli, ulingana namadoda. Kodwa iminyaka yokuhlukunyezwa nemibono engalungile ngabesifazane iye yabangela abaningi benu ukuba balahlekelwe ukuzethemba uNkulunkulu afuna ukuba nikujabulele. Ungase ube nomuzwa wokuthi ngandlela-thile "ungaphansi" kunamadoda. Awubalulekile kangako. Ufaneleka kancane. Iqiniso liwukuthi, uyigugu kakhulu emphakathini, kodwa okubaluleke nakakhulu kuNkulunkulu. Unkulunkulu ufuna ube nesibindi, uhlonishwe, waziswe, ukhushulwe esikhundleni, ufunelwe, futhi ngaphezu kwakho konke, uthandwe. Futhi kungaba kanjalo! Lokhu kuzinikela kwansuku zonke kuzokuholela empilweni yokuzethemba egcwele uthando, ukuhleka kanye nokwamukela Kwakhe. Bhala kuyo. Yigqamise. Yenza uhambo lube olwakho.

More

We would like to thank Joyce Meyer Ministries for providing this plan. For more information, please visit: www.joycemeyer.org