Owesifazane Ozithembayo NgokuzinikelaIsampula

The Confident Woman Devotional

USUKU 9 KWEZINGU- 14

Inhliziyo Yakho Ifisa

Uma uke waba ngaphansi kokucindezeleka okukhulu muva nje, ngikukhuthaza ukuba uhlole ngokwethembeka lokho okwenzayo kuphela, kodwa nokuthi kungani ukwenza. Uma ukwesaba kuyisizathu sokuba uhileleke, susa ukucindezeleka okuthile ngokulungisa izinto eziza kuqala kuwe. Okubalulekile kwakho akukona ukugcina wonke umuntu empilweni yakho ejabule ngokwenza zonke izinto abazilindele; kuwukuphila impilo ejabulisa uNkulunkulu futhi ongayijabulela.

Abantu abaningi kakhulu abawaphili amaphupho abo ngoba basuke bephila ukwesaba kwabo. Ngamanye amazwi, esikhundleni sokwenza izinto ezisuka enhliziyweni, bazenza ngoba besaba ukuthi kuzokwenzekani uma bengakwenzi. "Uzocasuka umuntu! Mina ngizosala ngaphandle! Abantu bazokhuluma ngami!" Sekuyisikhathi sokuthi uqale ukuba ngumuntu ofuna ukuba nguye ngempela. Yisikhathi sokufinyelela emaphusheni akho.

Khuleka: Nkosi, ngizojabula ngawe namuhla. Uyazazi izifiso zenhliziyo yami, futhi ngibeka amaphupho ami Kuwe. Ngisize ngibe yilomuntu owangidala ngaba nguye. Ameni.

Kusukela encwadini ethi Owesifazane Ozithembayo Ngokuzinikela kaJoyce Meyer. Ilungelo lobunikazi ku-2011 ngoJoyce Meyer. Ishicilelwe yi-FaithWords. Wonke Amalungelo Agodliwe.
Usuku 8Usuku 10

Mayelana naloluHlelo

The Confident Woman Devotional

Abesifazane bayisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu asinika umhlaba. Uyadala, unesihawu, uhlakaniphile, futhi, ngokweBhayibheli, ulingana namadoda. Kodwa iminyaka yokuhlukunyezwa nemibono engalungile ngabesifazane iye yabangela abaningi benu ukuba balahlekelwe ukuzethemba uNkulunkulu afuna ukuba nikujabulele. Ungase ube nomuzwa wokuthi ngandlela-thile "ungaphansi" kunamadoda. Awubalulekile kangako. Ufaneleka kancane. Iqiniso liwukuthi, uyigugu kakhulu emphakathini, kodwa okubaluleke nakakhulu kuNkulunkulu. Unkulunkulu ufuna ube nesibindi, uhlonishwe, waziswe, ukhushulwe esikhundleni, ufunelwe, futhi ngaphezu kwakho konke, uthandwe. Futhi kungaba kanjalo! Lokhu kuzinikela kwansuku zonke kuzokuholela empilweni yokuzethemba egcwele uthando, ukuhleka kanye nokwamukela Kwakhe. Bhala kuyo. Yigqamise. Yenza uhambo lube olwakho.

More

We would like to thank Joyce Meyer Ministries for providing this plan. For more information, please visit: www.joycemeyer.org