Owesifazane Ozithembayo NgokuzinikelaIsampula

The Confident Woman Devotional

USUKU 12 KWEZINGU- 14

Umthandazo Wokungcweliswa

Emkhulekweni wokuzinikela, sinikela izimpilo zethu nakho konke esiyikho Kuye. Ukuze uNkulunkulu asisebenzise, kufanele sizinikele Kuye.

Uma sizinikezela ngokweqiniso eNkosini, silahlekelwa ngumthwalo wokuzama ukuqhuba izimpilo zethu. Ngincamela ukulandela uNkulunkulu ngokuzithandela kunokuzabalaza ukumenza angilandele. Uyazi lapho eya khona, futhi ngiyazi ukuthi ngizofika lapho ngiya khona ngokuphepha uma ngimvumela ukuthi ahole.

Ngizehlukanisela kuNkulunkulu ngomthandazo njalo. Ngithi, "Nangu mina, Nkosi. Ngingowakho; yenza kimi njengokufisa kwakho." Khona-ke ngezinye izikhathi ngiyanezela, “Ngiyethemba ukuthi ngiyakuthanda okukhethayo, Nkosi, kodwa uma ngingakwenzi, mayenziwe intando Yakho hhayi eyami.

Ukuzinikezela kanye/noma ukuzinikela kuNkulunkulu kuyisici esibaluleke kakhulu sokuphumelela ekubeni ngokwethu. Asazi nokuthi kufanele sibe yini, ingasaphathwa eyokwazi ukuthi singaba noma ngabe yini. Kodwa njengoba sihlala sigcina izimpilo zethu e-altare sizihlukanisele uNkulunkulu, uyokwenza umsebenzi okufanele wenziwe kithi, ukuze enze umsebenzi afisa ukuwenza ngathi.

Khuleka: Nkosi, ngiyathokoza ngokunikela, umzimba, umphefumulo, nomoya, kuWe namuhla. Thatha impilo yami, ulolonge impilo yami, futhi usebenzise impilo yami enkazimulweni Yakho. Ameni.

Kusukela encwadini ethi Owesifazane Ozithembayo Ngokuzinikela kaJoyce Meyer. Ilungelo lobunikazi ku-2011 ngoJoyce Meyer. Ishicilelwe yi-FaithWords. Wonke Amalungelo Agodliwe.
Usuku 11Usuku 13

Mayelana naloluHlelo

The Confident Woman Devotional

Abesifazane bayisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu asinika umhlaba. Uyadala, unesihawu, uhlakaniphile, futhi, ngokweBhayibheli, ulingana namadoda. Kodwa iminyaka yokuhlukunyezwa nemibono engalungile ngabesifazane iye yabangela abaningi benu ukuba balahlekelwe ukuzethemba uNkulunkulu afuna ukuba nikujabulele. Ungase ube nomuzwa wokuthi ngandlela-thile "ungaphansi" kunamadoda. Awubalulekile kangako. Ufaneleka kancane. Iqiniso liwukuthi, uyigugu kakhulu emphakathini, kodwa okubaluleke nakakhulu kuNkulunkulu. Unkulunkulu ufuna ube nesibindi, uhlonishwe, waziswe, ukhushulwe esikhundleni, ufunelwe, futhi ngaphezu kwakho konke, uthandwe. Futhi kungaba kanjalo! Lokhu kuzinikela kwansuku zonke kuzokuholela empilweni yokuzethemba egcwele uthando, ukuhleka kanye nokwamukela Kwakhe. Bhala kuyo. Yigqamise. Yenza uhambo lube olwakho.

More

We would like to thank Joyce Meyer Ministries for providing this plan. For more information, please visit: www.joycemeyer.org