Izingxoxo ezincane ngosizi: Ithemba lamaholideIsampula

Grief Bites: Hope for the Holidays

USUKU 2 KWEZINGU- 5

KuhlekuhleUlithola futhi ulemukele kanjani ithemba lapho uzizwa ungenalo nhlobo ngesikhathi samaholide? Ngemva kokushona kukadadewethu ngoSuku Lokubonga, nokushona kwesoka ngesikhathi sekhefu likaKhisimusi, kube ukulahlekelwa ugogo wami ngempelasonto yoSuku Lwezithandani, nokushonelwa omunye ugogo kusele izinsuku ezimbili ngaphambi kukaKhisimusi, kwabuye kwathi ngemva kweminyaka, kuyiPhasika kwashona owayezoshada nomunye udadewethu, angibange gisaba nethemba elikhulu. Amaholide aseduze kwezinsuku zokufa kwabo ayebuhlungu kakhulu. Kwakulukhuni ukuthola ithemba, ngenxa yobuhlungu obukhulu enhlizweni. Kungenzeka ukuthi uzizwa ungenathemba ngenxa yokushonelwa othandekayo, noma ubhekene nokulahlekelwa okuyinselele (njengesehlukaniso, izingxabano zomndeni, ukugula, izinkinga zezimali, ukulahlekelwa umsebenzi, noma esinye isenzakalo esibuhlungu), ngicela wazi ukuthi uNkulunkulu uyakuthanda ngeqiniso
futhi uyakukhathalela ngendlela ejulile. Uyaqonda ngokweqiniso lokho obhekene nakho futhi ufuna ukukuthinta ngesandla Sakhe esiphilisayo. Ekugcineni uNkulunkulu ufisa ukukuthululela ngothando Lwakhe olukhulu kanye neTHEMBA elimangalisayo! Kodwa ungalithola kanjani ithemba Lakhe futhi ube nalo ngokugcwele? Qala ngokucela uNkulunkulu ukuba aphulukise inhliziyo yakho...mcele ehlisele kuwe ithemba elivela kuye yedwa...mcele akucwilise othandweni lwakhe olumangalisayo! Cela uNkulunkulu ukuthi akuthwale ngesikhathi samaholide futhi ayisebenze ngokujulile inhliziyo yakho! Funda izwi Lakhe futhi umcele ukuthi akhulume ngamandla enhlizweni yakho ebe Eduduza ngobumnene inhliziyo nomoya wakho okubuhlungu. Akukhathalekile ukuthi ubhekene nani, uYakhathalela ngokujulile ubuhlungu benhliziyo yakho, ngakho-ke funa uNkulunkulu kulesi sikhathi samaholide, futhi umfune ngaso sonke isikhathi, nangayo yonke inhliziyo yakho! UZOMTHOLA uNkulunkulu—neTHEMBA Lakhe elisha sha—lapho umfuna ngenhliziyo yakho yonke! Isihawu sikaNkulunkulu sisha nsuku zonke ngakho zicelele sona kuye! Ukhona lapha uzele wena futhi uzokusiza ngamaholide!

Umkhuleko: "Jesu othandekayo, ngiyabonga ngethemba! Ngiyacela ngokukhethekile ukuthi ungiphe isipho esihle sethemba ubuye ungivumele ngithole futhi ngizwe ithemba lakho nokuthula okuphelele. Ngiyakucela ukuba ubusise inhliziyo yami ngokuthinta kwakho okuphulukisayo. futhi ungithelele ngothando Lwakho.Baba, ngicela uphulukise inhliziyo yami futhi ungithwale kulesi sikhathi samaholidi? Ngiyakhuleka ukuthi ukhulume ngamandla nomoya wami ngisafuna inhliziyo Yakho (nesiqondiso) nanjengoba ngifunda iZwi Lakho.Ngiphe umusa oyigugu omusha njalo ekuseni futhi ngicela ududuze umphefumulo wami nsuku zonke. Ngiyabonga ukuthi unguMhlobo wami weqiniso! Ngiyabazisa futhi ngiyabuthanda ubungane Bakho! Ngiyakuthanda, Nkosi! EGameni Lakho eliyigugu ngiyakhuleka, amen." Lokhu kuzinikela © 2015 nguKim Niles/Grief Bites. Wonke Amalungelo Agodliwe. Isetshenziswa ngemvume.
Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Grief Bites: Hope for the Holidays

Kwabaningi, amaholidi ayisikhathi senjabulo enkulu...kodwa kwenzekani lapho amaholide engasemnandi futhi eba inselele ngenxa yosizi olujulile noma ukulahlekelwa? Lolu hlelo lokufunda olukhethekile luzosiza labo abasosizini ukuthi bathole induduzo nethemba kumaholidi, futhi lutshengise indlela yokwenza inkathi yamaholide enenjongo nakuba kunesimo sosizi olujulile.

More

Sithanda ukubonga uKim Niles, umbhali wencwadi ethi, Buyisa Amandla Emva Kokukhahlamezwa Impilo, nangokusinika lolu hlelo. Ukuze uthole udaba olwengeziwe, sicela uvakashele: www.griefbites.com