Ukukholwa Ubuhle BukaNkulunkulu Noma KunjaniIsampula

Believing God Is Good No Matter What

USUKU 5 KWEZINGU- 5

UNkulunkulu akakaqedi.

UNkulunkulu akafile futhi akakaqedi! Impilo yakho ingabukeka futhi izwakale njengesithombe esingaqedwanga ukupendwa - Kuhliphizekile nje futhi kunengxele engekho.

UNkulunkulu ufuna wazi ukuthi noma ngabe awuboni, Usakusebenza. Usenza umsebenzi wobiciko nomuhle empilweni yakho nasezimpilweni zalabo obathandayo. Ukuthi awukwazi ukubona loko okungakapheli akusho ukuthi ngeke kube okuvelele. Kwabase Filiphi 1:6 kukhulunywa ngomsebenzi ka Nkulunkulu ongakapheli futhi sitshelwa ngokwethembeka ngokuthi Lowo oqale umsebenzi omuhle uzowuqeda. Ngakho ke, qiniseka, uNkulunkulu usasebenza empilweni yakho.

Akukho lutho futhi akunamuntu ongamisa umusa ka Nkulunkulu empilweni yakho! Ngisho noma uzizwa sengathi isithombe sakho siwubuhliphihliphi, uNkulunkulu angakwazi ukusebenzisa lobo buhliphihliphi ukubusisa abantu abasemhlabeni wakho.

Kuningi okusemqondweni ngawe - umusa omkhulu, izibusiso eziningi, kanye nokuningi okuhle!

Cabanga: Kukunika kanjani ithemba ukwazi ukuthi uNkulunkulu akakawuqedi umsebenzi wakhe empilweni yakho?

KHULEKA:Ngiyabonga Nkulunkulu ngokuqala umsebenzi omuhle empilweni yami nokwethembisa ukuthi uzowuqedela. Umusa wakho ugelezela empilweni yami kanti ngiyakhuleka ukuthi ungisize ngikwazi ukubona lapho ugeleza kumina ugelezela kwabanye. nginike ithuba kulelisonto ukuthi ngikhuthaze omunye endleleni yakhe. Ngegama lika Jesu. Amen.

Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Believing God Is Good No Matter What

Kukhona imilayezo ethile namhlanje, kufaka ngaphandle kanye nangaphakathi kwesonto, ezonakalise umlayezo wangempela womusa kaNkulunkulu. Eqinisweni uNkulunkulu akaphoqelekile ukusihlinzeka ngezinto ezinhle-kodwa uyafuna! Kulezinsuku ezilandelayo ezingu-5 zingakusiza ukuba ubuke kabusha nxazonke ngamehlo anqamula ukuphazamiseka kwansuku zonke futhi ubone ubuhle bukaNkulunkulu obungenakuphikwa futhi obukhulu.

More

Sithanda ukubonga i-WaterBrook Multnomah Publishing Group ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.goodthingsbook.com.tv