Ukukholwa Ubuhle BukaNkulunkulu Noma KunjaniIsampula
Ukuba nguMtholi woKuhle
Ukufuna ubuhle buka Nkuluinkulu nsuku zonke kusisiza ukuba silindele izinto ezinhle ezimpilweni zethu. Ubuhle buka Nkulukulu abu cashile, futhi umusa wakhe awu hlali uthushuka ngokungaphezi. . . kumele sibe namehlo afuna uku wuthola. Asihlali siwubona ngokucacile umusa kaNkulunkulu, yingakho Umphostoli UPhawuli akhulekela abangane bakhe ukuba bakhanyiselwe.
UPhawuli wabhalela ibandla lase-Efesu walitshela ukuthi wayelithandazela ukuthi "amehlo [their] eziinhliziyo akhanyiselwe." Nakhu okusemqoka: umusa usizungezile. Lapho ngiqala ukufuna izinto ezinhle empilweni yami, ngiyaqaphela ukuthi zingatholakala yonke indawo ngisho nasezindaweni ezingalindelekile. Ngezinye izikhathi lapho uMusa ka-Nkulunkulu uyinto engabonakali kalula, yilapho ukusebenzela ngokugcwele. Qeqesha amehlo akho ukubona okuhle futhi ubone okuhle kuvezwa nhlangothi zonke.
Umusa kaNkulunkulu ungahehwa isimo sokucabanga kwakho kanye nesomqondo wakho, kanti futhi ungahoxiswa kuwena yinto efanayo. UMusa ungaba nokungafanisisi kusuka komunye umuntu kuya komunye, kodwa lokho akusho ukuthi unokuhambisana nesimo sokucabanga kanye nesengqondo kumuntu wonke. Lapho sikhetha ukuba ngabatholi boKuhle, kwandisa uMusa kaNkulunkulu ezimpilweni zethu.
Cabanga ngalokho: Ungaqala kanjani ukuqeqesha ingqondo yakho ukuthi igxile ezintweni ezinhle?
THANDAZA: Ngiyabonga Nkulunkulu ngokunginikeza ikhono lokuqeqesha kabusha ingqondo yami ukuze ngibone okuhle okuyingxenye yokuphila kwami. Ngifuna ukuba nguMtholi woKuhle ukuze ngikwazi ukucabanga nokulindela umusa wakho nsuku zonke. Ngelika-Jesus Igama. Amen.
Mayelana naloluHlelo
Kukhona imilayezo ethile namhlanje, kufaka ngaphandle kanye nangaphakathi kwesonto, ezonakalise umlayezo wangempela womusa kaNkulunkulu. Eqinisweni uNkulunkulu akaphoqelekile ukusihlinzeka ngezinto ezinhle-kodwa uyafuna! Kulezinsuku ezilandelayo ezingu-5 zingakusiza ukuba ubuke kabusha nxazonke ngamehlo anqamula ukuphazamiseka kwansuku zonke futhi ubone ubuhle bukaNkulunkulu obungenakuphikwa futhi obukhulu.
More