Ukukholwa Ubuhle BukaNkulunkulu Noma KunjaniIsampula
Ukugxiliswa eBuhleni
Mhlambe uke wakuzwa lokhu:impilo inzima; uNkulunkulu muhle.Lesitatimende singaphezulu kwesisho: Siyiqiniso elinzulu nangokwezokholo. Abanye abahlakaniphile kakhulu sebeke bawudingida lombuzo, "Uma uNkulunkulu elungile, pho yini kwenzeke loku? kungani kuvumeleka ukungabi nobulungisa, futhi yini impilo ibe nzima kangaka?" Laba bantu abahlakaniphile baphetha ngokuthi impilo inzima FUTHI uNkulunkulu muhle. okunye akukuchithi okunye. Loku bakubiza ngokuthi yi-"theodicy".
Abaningi bacabanga ukuthi ukuba nzima kwempilo, kusho ukuthi uNkulunkulu akanako ukulunga - kodwa akunjalo. Akukona okukabili. Eminyakeni eyedlule, ngathatha isinqumo sokuthi ngisho noma ngingakwazi ukuphendula umbuzo wokuthi "kungani" kwingxenye yalesitatimende ("uma uNkulunkulu elungile, yingani_____?") ngazinqumela ukuthi ngizomeqa u "uma". Ngamanye amazwi, ngikhetha ukukholwa ukuthi uNkulunkulu muhle......noma ngabe kunjani.
Nawe ungazigxilisa ebuhleni buka Nkulunkulu.
Qala ngokubuka ubuhle buka Nkulunkulu ngisho noma ngabe izimo zinjani. Mhlambe umnyango uvalekile kwelinye ithuba, kungenzeka ukuthi uNkulunkulu unokungcono akubekele kona okudinga singene ngomnyango owehlukile ukuze sikufinyelele. Loku sekwenzeke kaniningi empilweni yami kangangoba manje sengihlala ngikulindele. uma kukhona okungahambi ngendlela yami, ngizikhumbuza ngokwenziwe uNkulunkulu ngaphambilini bese ngiqala ngilindele elinye ithuba elizokwembula uhlelo luka Nkulunkulu.
Ukugxiliswa ebuhleni buka Nkulunkulu akuzohlala kwenza umqonqo ocacile. kuwukuphokophelela okunenkani nokungakhathali okungavumeli ubunzima bempilo bunciphise ukulunga kuka Nkulunkulu.
Cabangisisa: Yiziphi izindlela ongazikhumbuza ngazo ukubheka ubuhle buka Nkulunkulu ngisho noma zinjani izimo?
KHULEKA:Nkulunkulu, ngiyabonga ngokuthi ungenze ngigxiliswe ebuhleni Bakho. Ngiphe amandla namuhla ukuthi ngiyeke ukumangala kodwa ngiqale ukubheka umusa wakho kwizimo zonke. Ngegama lika Jesu. Amen.
Mayelana naloluHlelo
Kukhona imilayezo ethile namhlanje, kufaka ngaphandle kanye nangaphakathi kwesonto, ezonakalise umlayezo wangempela womusa kaNkulunkulu. Eqinisweni uNkulunkulu akaphoqelekile ukusihlinzeka ngezinto ezinhle-kodwa uyafuna! Kulezinsuku ezilandelayo ezingu-5 zingakusiza ukuba ubuke kabusha nxazonke ngamehlo anqamula ukuphazamiseka kwansuku zonke futhi ubone ubuhle bukaNkulunkulu obungenakuphikwa futhi obukhulu.
More