Ukukholwa Ubuhle BukaNkulunkulu Noma KunjaniIsampula

Believing God Is Good No Matter What

USUKU 2 KWEZINGU- 5

Ukunakekelwa ngumndeni

Ukunakekelwa uNkulululu kuyazizela ezimpilweni zethu njengokunakekelwa ngubaba kuzizela ezimpilweni zabantwana bakhe. (Futhi uyisithombe esihle kakhulu kunazo zonke ongazifisa nongazicabanga.) UNkulunkulu uyakuthanda. Ukubona njengengane yakhe, kanti lokho kukwenza isizukulwane esingumamukeli wezibusiso zakhe.

Ungazizwa sengathi kudingeka uxolise kubantu, noma uvikele ubuhle buka Nkulunkulu kulabo okungenzeka ukuthi abaqondi noma abavumi. Kuyohlala njalo kukhona abantu abalindele ukugxeka ukunqoba kwakho noma ukuziba isibusiso sakho esifike ngesikhathi, ngoba bebona sengathi kukhona omunye ofaneleke kangcono. Eqinisweni, uma wake wafikelwa umuzwa wokuthi omunye umuntu akafanelwe isibusiso asitholile(Hey, sonke sike sadlula lapho...), kungenzeka futhi ukuthi uqinisile! Kodwa nangu umuzwa weqiniso elisiphaphamisayo sonke: asikwazi ukugxeka umusa ongafanelwe kwimpilo yomunye umuntu uma sizowamukela kwezethu izimpilo.

Uma siqala ukuqondisisa ukuthi umusa uyindlela kaNkulunkulu yokusibonisa isihe, siyakwazi ukubona ukuthi umusa esiwutholayo—njenga nesihe—kuyinto engahambisani nalokho okusifanele.

Cabanga ngalokhu: Yiziphi ezinye izibonelo empilweni yakho lapho wathola khona umusa owawungawulindele noma owawungakufanele?

THANDAZA: Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba nguBaba kimi. Noma ngabe ubaba wami wasemhlabeni ubenjani, unguBaba onomusa futhi unomusa ongaphezi owubekele ikusasa lami. Ngifundise namuhla ukwamukela umusa womndeni owubeke kimina njengengane yakho. Ngelika Jesus Igama. Amen.

 

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Believing God Is Good No Matter What

Kukhona imilayezo ethile namhlanje, kufaka ngaphandle kanye nangaphakathi kwesonto, ezonakalise umlayezo wangempela womusa kaNkulunkulu. Eqinisweni uNkulunkulu akaphoqelekile ukusihlinzeka ngezinto ezinhle-kodwa uyafuna! Kulezinsuku ezilandelayo ezingu-5 zingakusiza ukuba ubuke kabusha nxazonke ngamehlo anqamula ukuphazamiseka kwansuku zonke futhi ubone ubuhle bukaNkulunkulu obungenakuphikwa futhi obukhulu.

More

Sithanda ukubonga i-WaterBrook Multnomah Publishing Group ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.goodthingsbook.com.tv