Ukukholwa Ubuhle BukaNkulunkulu Noma KunjaniIsampula

Believing God Is Good No Matter What

USUKU 1 KWEZINGU- 5

Akukho ukulunga ngaphandle kukaNkulunkulu.

Abanye abantu bacabanga ukuthi uNkulunkulu uhlala ethukuthele isikhathi esiningi nokuthi umusa wakhe uhlala isikhashana nje, kodwa iBhayibheli lisitshela okuphambene naloko! Uhlala uyintandokazi yaKhe ngisho nalapho uzizwa njengesithelo esibolile.

UNkulunkulu usedlulile kulokho okubi okwenzile noma kuleyonto embi oyishilo. Kungenzeka ukuthi uthukuthelile futhi waphoxeka ngaleso sikhathi, kodwa usedlulile lapho. Ingabe wena? Akumele uzikhathaze ngokuphuma emuseni wakhe ngenxa yokwehluleka.

Ubuhle buka Nkulunkulu buyinto eqhubekayo futhi abupheli. UMusa wakhe uhlale usizungezile, uphezu kwethu, futhi unathi; uMusa kaNkulunkulu unguna phakade!

Eqinisweni, ubuhle abukho ngaphandle kukaNkulunkulu; awuzivelelanga ngokwawo — ngaphandle Kwakhe. Aku yona neze into eyavela kubantu (Ingabe kufanele uqeqeshe abantwana bakho ukuthi babe nobubi, noma nobuhle?).

UNkulunkulu ungumthombo wabo bonke ubuhle nazo zonke izinto ezinhle. Abanye abantu basahlukanisa okuhle noNkulunkulu, okuyinto ecekela phansi isidingo sesintu sokubonga, ukutusa nokumdumisa.

Lesi sifundo simayelana nokuqalisa uhambo lokuqeqesha amehlo akho ukuthi abone loko kulunga kuka Nkulunkulu okungabonwa nokuthi uMusa wakhe ubukeka kanjani empillweni yakho yansuku zonke. Ezinsukwini ezingu-5 ezizayo uzoqala ukubona impilo yakho ngamehlo oMusa kaNkulunkulu.

Cabanga ngalokhu: Yiziphi izinto ezinhle empilweni yakho okulula ukungaziboni?

THANDAZA: Nkulunkulu, ngiyabonga ngokuba khona empilweni yami. Ngisize uvule amehlo ami ngibone ukuthi ungumthombo wazo zonke izinto ezinhle nokuthi uletha umusa empilweni yami nsuku zonke. Ngelika Jesus Igama. Amen.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Believing God Is Good No Matter What

Kukhona imilayezo ethile namhlanje, kufaka ngaphandle kanye nangaphakathi kwesonto, ezonakalise umlayezo wangempela womusa kaNkulunkulu. Eqinisweni uNkulunkulu akaphoqelekile ukusihlinzeka ngezinto ezinhle-kodwa uyafuna! Kulezinsuku ezilandelayo ezingu-5 zingakusiza ukuba ubuke kabusha nxazonke ngamehlo anqamula ukuphazamiseka kwansuku zonke futhi ubone ubuhle bukaNkulunkulu obungenakuphikwa futhi obukhulu.

More

Sithanda ukubonga i-WaterBrook Multnomah Publishing Group ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.goodthingsbook.com.tv