Izinsuku ezingu-21 zokuThandazela Abangani Isampula

21-Days of Praying for Friends

USUKU 18 KWEZINGU- 21

Umhlahlandlela Womkhuleko

1 KwabaseThesalonika 1:9-10

Ngoba bona babika ukuthi wena wasiphatha kanjani. Balandisa ukuthi waphendukela  kanjani kuNkulunkulu usuka ezithombeni ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso, nokulinda iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo—uJesu, osikhulula olakeni oluzayo.

Umkhuleko:

Baba ngiyakhuleka ukuthi _______________________ baphenduke ezithombeni zabo ezingokwenyama nezingokomoya baphendukele kuJesu njengoMsindisi neNkosi. Ngathi _______________________ angathola ivangeli ngokuphenduka kweqiniso nokholo futhi akuvume njengoNkulunkulu ophilayo. Ngithandazela ukuthi amandla omubi, amandla emali, impumelelo, udumo nenkanuko, amandla ezinkanuko zenyama kunqotshwe ngamandla kaMoya. Hlenga _______________________ olakeni oluzayo kube yinkazimulo yakho.

Usuku 17Usuku 19

Mayelana naloluHlelo

21-Days of Praying for Friends

Ezikhathini eziningi kuba nzima ukwabelana ngevangeli nabangani bethu. Kuphakathi kokuthi sinqotshwa ukwesaba noma asazi ukuthi sizokwabelana ngani. Sonke sidinga umthwalo ukuze sifinyelele kubangane bethu abalahlekile bakaKristu. Lolu wuhlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-21 olusisiza ukuthi sizindle ngokukhethekile ngezindima eziphathelene nokushumayela ivangeli futhi luhambisana nomkhuleko omfishane wosuku ngalunye lwabangane bethu.

More

Sithanda ukubonga i-New City Delhi ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.newcitydelhi.com