Izinsuku ezingu-21 zokuThandazela Abangani Isampula

21-Days of Praying for Friends

USUKU 20 KWEZINGU- 21

Umhlahlandlela Womkhuleko

AmaHubo 67:1-2

kwangathi uNkulunkulu angaba nomusa kithi, asibusise futhi enze ubuso bakhe bukhanye phezu kwethu—ukuze izindlela zakho zaziwe emhlabeni, insindiso yakho phakathi kwezizwe zonke.

Umkhuleko:

Baba, umbuso wakho umi phakade, nombuso wakho uphakeme; ngicela ukuba ube nomusa _____________________ ukuze akwazi wena namandla okusindiswa kwakho. Phendukisa ubuso bakho kuye _______________________ ukuze aphendule ubuso bakhe ngakuwe. Ngiyakuncenga ukuthi wembule izwi lakho, uzazise izindlela zakho futhi uguqule inhliziyo yakhe.

Usuku 19Usuku 21

Mayelana naloluHlelo

21-Days of Praying for Friends

Ezikhathini eziningi kuba nzima ukwabelana ngevangeli nabangani bethu. Kuphakathi kokuthi sinqotshwa ukwesaba noma asazi ukuthi sizokwabelana ngani. Sonke sidinga umthwalo ukuze sifinyelele kubangane bethu abalahlekile bakaKristu. Lolu wuhlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-21 olusisiza ukuthi sizindle ngokukhethekile ngezindima eziphathelene nokushumayela ivangeli futhi luhambisana nomkhuleko omfishane wosuku ngalunye lwabangane bethu.

More

Sithanda ukubonga i-New City Delhi ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.newcitydelhi.com