Izinsuku ezingu-21 zokuThandazela Abangani Isampula

21-Days of Praying for Friends

USUKU 19 KWEZINGU- 21

Isiqondiso somkhuleko

Kolose 1:13-14

Ngokuba usikhulule egunyeni lobumnyama , wasingenisa embusweniwe Ndodana ayithandayo,esinokuhlengwa ngayo, ukuthethelelwa kwezono.

Umthandazo:

Baba, wasikhulula ngeNdodana yakho uJesu Kristu. Wasisindisa, wasihlenga, wasamukela, wasigcwalisa ngoMoya wakho, wasinika ifa elikhazimulayo. Ngithandazela ukuthi _______________________ futhi athole ukuhlengwa kanye nokuthethelelwa kwezono. Takula ________________ embusweni nasemandleni obumnyama futhi umkhulule. Kwangathi _______________________ akwazi wena kanye namandla kaKristu okuvuka ngendlela enamandla. 

Usuku 18Usuku 20

Mayelana naloluHlelo

21-Days of Praying for Friends

Ezikhathini eziningi kuba nzima ukwabelana ngevangeli nabangani bethu. Kuphakathi kokuthi sinqotshwa ukwesaba noma asazi ukuthi sizokwabelana ngani. Sonke sidinga umthwalo ukuze sifinyelele kubangane bethu abalahlekile bakaKristu. Lolu wuhlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-21 olusisiza ukuthi sizindle ngokukhethekile ngezindima eziphathelene nokushumayela ivangeli futhi luhambisana nomkhuleko omfishane wosuku ngalunye lwabangane bethu.

More

Sithanda ukubonga i-New City Delhi ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.newcitydelhi.com