Izinsuku ezingu-21 zokuThandazela Abangani Isampula

21-Days of Praying for Friends

USUKU 16 KWEZINGU- 21

Isiqondiso somkhuleko

1 Korinte 3:6-7

Mina ngatshala imbewu, u-Apholo wayinisela, kodwa uNkulunkulu nguye owakhulisa. Ngakho-ke otshalayo akalutho noma oniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu kuphela okhulisayo.

Umthandazo:

Baba, ngiyabonga ngoba angingedwa ekukhulekeleni _______________________. Wena, ngendlela yakho siqu, unabantu bakho abasebenza empilweni ka _______________________. Ngithandazela ukuthi ukukhanya kwevangeli kukhanye kubantu bakho njengoba bexhumana ne- _______________________ usuku nosuku. Ngithandazela ukuthi bonke labofakazi empilweni yakhe bakhombe kuKristu futhi wenze imbewu yezwi lakho ikhule, ibe nezimpande futhi ithele izithelo zodumo lwakho. 

Usuku 15Usuku 17

Mayelana naloluHlelo

21-Days of Praying for Friends

Ezikhathini eziningi kuba nzima ukwabelana ngevangeli nabangani bethu. Kuphakathi kokuthi sinqotshwa ukwesaba noma asazi ukuthi sizokwabelana ngani. Sonke sidinga umthwalo ukuze sifinyelele kubangane bethu abalahlekile bakaKristu. Lolu wuhlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-21 olusisiza ukuthi sizindle ngokukhethekile ngezindima eziphathelene nokushumayela ivangeli futhi luhambisana nomkhuleko omfishane wosuku ngalunye lwabangane bethu.

More

Sithanda ukubonga i-New City Delhi ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.newcitydelhi.com