Ukuthola Indlela Yakho Ebuyela KuNkulunkuluIsampula
Manje Naku Ukuphila!
UNkulunkulu unephupho ngalomhlaba, kanye nawe’ umenyiwe ukuba yingxele yalo. Kuyiphupho elihehayo uNkulunkulu abenalo ingunaphakade. Li’ yiphupho ngempilo yakho, umphakathi wakho, kanye nomhlaba wonke.
UNkulunkulu’ unephupho lokuthi uphile umzuzwana ngamunye wokuphila kwakho ngokwethemba ukuthi ukuthanda ngokungadikibali nangomfutho omkhulu. Iphupho Lakhe ukuthi uzikhethele ukuzidela ngokuthanda abanye ngoba uyazi ukuthi uNkulunkulu wadela konke ekukuthandeni.
Yingakho’ ukuphaphama kokugcina ohambweni lokuthola indlela yokubuyela ku Nkulunkulu ingukuphaphama ekuphileni. Uma siphaphama ngokuphelele empilweni entsha uNkulunkulu asinikela ngayoekhaya sikanye naye, siwabona ngendlela entsha amathuba ekusasa lethu. Siyababaza sithi, “ ManjeNakuUkuphila!” kodwa siyabona ukuthi“ ukuphila” kusho into eyahlukile manje. Kusho ukuphila impilo engcono, enkulu, futhi enomqondo kunakuqala.
uhambo lwakho olusha, lwempilo yakho yonke no Jesu luwuhambo ongasoze waba nesidingo sokuluhamba wedwa. Awusoze uphinde ube nesidingo sokuphila ngaphandle kwa Baba wakho wasezulwini. Uma uzithola wemukela endaweni enokudikibala, usufuna okungathatha indawo yayo, ucabanga ukuthi unazo zonke izimpendulo ozidingayo empilweni yakho....uyakwazi okufanele ukwenze.
Buyela empilweni engukuphila kwangempela! Uyayazi indlela, kanti ikhaya yilapho uyohlala ungowakhona.
Eminyakeni ezayo lindela uhlobo lwempilo eya’ hlukile kunako konke owake wacabanga ukuthi kungenzeka lapho waphenduka khona ngosuku owacela ngalo usizo kuBaba. Ukuphaphama empilweni kuletha imithelela engalindelekile kanye namathuba. Kungenzeka kanjani loku? Yi’ngoba uKhristu uphila ngaphakathi kwakho, nokuthi loku kushintsha yonke into ngawe, Manje sewungaletha ithemba lapho bekukhona ukudangala. Manje sewungabonisa iziboshwa inkululeko. Manje sewungaba ukukhanya ebumnyameni.
Manje Loko Ukuphila!
Thola indawo yakho emphakathini wamanye amadodana namadodakazi aBaba anokubonda. Xhumana, funda, futhi usebenzisane nabo ukwenza umehluko omuhle emishadweni, emakhaya, ezikoleni, emisebenzini, nasemiphakathini.
Masi’ qhubeke nokusiza abanye ukuthi bathole indlela ebuyela kuNkulunkulu. Yilapho’ kulinde khona ukugubha kwangempela.
Njengoba ubheka emuva kulokuzinikela kwezinsuku ezinhlanu, yikuphi“ ukuphaphama” okuzinza kakhulu kuwena? Yisiphi isinyathelo esilandelayo okholelwa ukuthi uNkulunkulu ukubizela kuso?
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ufuna okuthe xaxa empilweni? Ukufuna okwengeziwe empeleni kungukulangazelela ukubuyela kuNkulunkulu - noma ngabe bukuphi ubudlelwano bakho naYe njengamanje. Sonke siyabhekana nezinkomba zebanga esilihambayo - noma lokho okusiphaphamisayo - lapho sifumana indlela yethu ebuyela kuNkulunkulu. Hamba uhambo ngalunye kulokhukuphaphama, ulifingqe ibanga phakathi kwalapho ukhona manje nalapho ofuna ukufinyelela khona. Sifuna ukumfumana uNkulunkulu, Yena Ufuna nangaphezulu kwalokho ukuthi afumaneke.
More