Ukuthola Indlela Yakho Ebuyela KuNkulunkuluIsampula

Finding Your Way Back To God

USUKU 1 KWEZINGU- 5

Kufanele ’ ukuthi kukhona okungaphezu kwaloku

Uke uzizwe kusengathi ujahana nento ethile empilweni kodwa’ engeke ikwanelise ngokuphelele? Qaphela lowo muzwa. uphuma ’ku Nkulunkulu.

Asi’khulumi nje ngokusebenzisa izidakamizwa. Nakuba ukuphuza nokujahana nezinye izidakamizwa kungukujaha izinto ezingenamsebenzi. Kodwa’ siyabazi nabaningi“ abahambi bamasonto abalungile”abahlala emasontweni masonto wonke— noma abashumayeza labo bantu kumaphuluphithi— bebe bezizwa beqhelelene no Nkulunkulu. Ba’ne“nempumelelo” noma“ baqoqekile” noma“ babukeka belungile, kodwa’ abanaye uNkulunkulu ngaphakathi. Bazigcina bexakekile ngezinto zokholo nomsebenzi, isikole, noma umndeni, kodwa akwe’nele. Balangaza ukuthi uNkulunkulu bamuzwe eyisiqiniso kubo.

Lokho kulangaza kungukuvuswa kokuqala ngokoMoya kuthina sonke esithola indlela ebuyela ku Nkulunkulu. “Kufanele’ukuthi kukhona okunye. ”

Uma ulangazela uthando olujulile nolugculisayo, uma ufuna ukuzinikela kuloko okuzokwenza umehluko, noma uma ufuna izimpendulo ngempilo’ imibuzo enzima kakhuku, ufuna uNkulunkulu. U’nokukhetha kokubili: ungaqhubeka nokuzifunela ngokwakho ukugculisa lokhu kulangaza, noma ungabheka ku Lowo okunike lokho kulangaza.

Ukulangazelela kwethu uthando lwangempela kusukela ekuqaleni kokuthi isintu senziwa kanjani. UNkulunkulu wayenjonge ukuthi sizwe uthando oluphuma Kuye kanye nesiluthola ngabanye esihlobene nabo ngendlela enokuphila. lokhu esikulangazayo, uNkulunkulu’akanako nje kuphela kodwa uNkulunkulu uyiko. Uluthando kanti usilandelela ngothando.

Sike’sezwa ukuthi yonke indoda engqongqoza emnyango wendawo ethengisa ngezocansi empeleni isuke ifuna uNkulunkulu. Uma ungqongqoza emnyango wendawo yezenzo ezikucekela phansi noma ubudlelwane, kunokwenzeka ukuthi usufike endaweni ebalulekile yohambo lwakho lokubuyela kuNkulunkulu. Kungobani? Yingoba ukuphoxeka okuzwayo ezintweni ezishibhile ebezime endaweni yokuyiko zizokwenza uzibuze ukuthi ungaluthola kuphi uthando oluyilo. Ungavumela uNkulunkulu ukuthi agcwalise ukulangazela kwakho uthando nokuthandwa?

Yikuphi ezintweni ozozenza kulelisonto okubonisa ukuthi yini ocabanga ukuthi izokwenelisa?

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Finding Your Way Back To God

Ufuna okuthe xaxa empilweni? Ukufuna okwengeziwe empeleni kungukulangazelela ukubuyela kuNkulunkulu - noma ngabe bukuphi ubudlelwano bakho naYe njengamanje. Sonke siyabhekana nezinkomba zebanga esilihambayo - noma lokho okusiphaphamisayo - lapho sifumana indlela yethu ebuyela kuNkulunkulu. Hamba uhambo ngalunye kulokhukuphaphama, ulifingqe ibanga phakathi kwalapho ukhona manje nalapho ofuna ukufinyelela khona. Sifuna ukumfumana uNkulunkulu, Yena Ufuna nangaphezulu kwalokho ukuthi afumaneke.

More

Sithanda ukubonga u-Dave Ferguson, Jon Ferguson kanye ne-WaterBrook Multnomah Publishing Group ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://yourwayback.org/.tv